Kuthembisa intuthuko nomnotho ukusula kukaMugabe eZim
EMUVA kokuphatha ngesandla sensimbi iminyaka engu-37, sekuphelile ngoMnuz Robert Mugabe. Lo ndlovukayiphikiswa waseZimbabwe ugcine egobe uphondo ngoLwesibili ngesikhathi iPhalamende lisabhunga ngesiphakamiso sokumkhipha esikhundleni, isiphakamiso ebesenziwe yinhlangano yakhe, iZanu PF neqembu eliphikisayo, iMovement for Democratic Change.
Usomlomo, uMnuz Jacob Mudenda, ufunde incwadi yokusula kukaMugabe emhlanganweni obuseHarare International Conference Centre nokulandelwe yimibhiyozo emigwaqweni yale lizwe kanjalo nakwizakhamuzi esezafudukela nakwamanye amazwe njengalezo ezilapha eNingizimu Afrika.
Bebelibeka ngembaba abaseZimbabwe bethi yima beqala ukukhululeka ngoba uMugabe wabakhulula emaketangweni amakoloni kodwa wabajikela wabacindezela naye.
Namanye amazwe ajabule neZimbabwe ngoba le lizwe beseliphenduke undabuzekwayo umhlaba wonke ngenxa yokuphatha kukaMugabe ophendule izwe inhlekisa eliwisa yena emuva kokuphatha kahle kade esanda kuqala ukuthatha izintambo.
UMugabe usula nje bekulindeleke ukuthi uMengameli Jacob Zuma nowase-Angola, uJoao Manuel Goncalves Lourenco, bafike eHarare bezobheka isimo futhi nembangi kaMugabe, uMnuz Emmerson Mnangagwa, ubengayingeni eyokubuyisana naye efuna asuswe.
Iningi labantu baseZimbabwe okubalwa kubo noMfundisi Evan Mawarire likhale mi izinyembezi ngesikhathi kuzwakala izindaba zokusula kukaMugabe.
Besekuphele iminyaka izinhlangano ezingathi shu njenge-SADC ne-African Union zithi abantu baseZimbabwe yibona okufanele bazilungisele izinkinga zabo nokwadedela uMugabe ukuthi acanase, antshontshe, abulale futhi aphenduke undlovukayiphikiswa obesatshiswa okwenyoka.
Emuva kweminyaka “enqoba” ukhetho kungafanele zithule lezi zinhlangano, ngoLwesibili abantu baseZimbabwe bazibambele mathupha bamkhipha uMugabe.
Siyathemba ukuthi nanoma ngubani ozothatha izintambo uzoletha ukuthula, ukubuyisana nokunotha kuleli zwe ukuze bonke abantu bakhona, bezobambisana ukulivuselela.