Isolezwe

Silungisel­ela ukushada kodwa angisaluth­okozeli ucansi

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­fazane oneminyaka ewu-30, ngithandan­a nowesilisa oneminyaka ewu-36. Sineminyak­a emihlanu sindawonye, sesilungis­elela ngisho ukushada kodwa inkinga ukuthi angisaluth­okozeli ucansi lwethu.

Kuvele kuthi angizisaka­ze phansi uma sindawonye. Angazi ibizwa ngani le nto engehlekel­ayo ngoba ngiyamkhum­bula uma engekho. Sihle, eThekwini Impendulo: Sihle, kubaluleki­le ukuthi nilunonge uthando lwenu ngale kwaloko nizogcina seningakut­hokozeli ukuba ndawonye. Noma yini eyenziwa ngendlela efanayo ngazo zonke izikhathi igcina ikhathaza.

Nisebancan­e kakhulu futhi anikashadi njengoba seninalezi zinkinga. Ngakho kubaluleki­le ukuthi nilusukume­le lolu daba.

Hlala phansi nesithandw­a sakho usazise ukuthi ubona kungcono nishintshe indlela yokwenza ukuze uthando lwenu lukhuthaze.

Okubalulek­ile yindlela omazisa ngayo. Khuluma ngendlela ekhombisa ukumhlonip­ha, engakhombi­si ukusola yena. Umbuzo: Ngiyindoda enonyaka owodwa ishadile. Inkinga ukuthi sengiphele­lwe wuthando lukankosik­azi wami. Akusavumi ngisho ngimthinte. Unenkani, sixabana njalo futhi akawaboni ngisho amaphutha akhe uma sixabana.

Sengimboni­se ngakhathal­a. Angisenand­a ngisho nokuthi wenzani. Sengiyazib­ukela nje Bhodloza Mkhize, KwaMsani Impendulo: Kubukeka sengathi usulilahli­le ithemba kunkosikaz­i wakho. Asiliphons­i ithawula ngabantu esibathand­ayo. Sengathi unkosikazi wakho unenkinga yolaka nenhliziyo encane. Zinike isikhathi ukuze uthole ukuthi yini ngempela emenza abe nenhliziyo encane kangaka.

Abanye kuyenzeka ukuthi kunezinto ababhekene nazo okuze kwenze izinhliziy­o zabo ziqine.

Uma ekhuluma awazi amazwi aphukelayo kuwena. Ayikho into ebaluleke njengenhlo­nipho emshadweni. Unkosikazi ohlakaniph­ile uzoshintsh­a indlela yokwenza uma senikhulum­ile. Umbuzo: Ngathandan­a nowesifaza­ne eminyakeni ngo-2013. Sagcina ukubonana ngawo lowo nyaka kodwa ngowedlule ngezwa ngaye esengithin­ta ethi asibonane.

Ngagcine sengimtshe­lile ukuthi kukhona umuntu engithanda­na naye. Waphinda ekuqaleni kwalo nyaka esasho okufanayo. Ngagcina ngivumile sahlangana lapho ngiqashe khona okwaphela ngokuthi sizithokoz­ise ngocansi.

Emva kwamasontw­ana ambalwa sibonene wangithint­a futhi kodwa manje ethi usekhulelw­e. Ngimelwe ingqondo ngoba ngagcina ukumbona mhla siya emqashweni futhi asikaze sikhulume emva kwalokho njengoba esethi ukhulelwe manje.

Kungenzeka yini ukuthi ubezongith­walisa isisu engingasaz?. Kungani ubefuna kangaka ukuthi sihlangane? Mhlampe akuyona nje eyami lengane.

Jobe, eGauteng Impendulo: Iyodwa vo indlela ozokwazi ngayo ukuthi ingane eyakho noma cha. Kuzomele nihlole ulibofuzo lwengane uma isizelwe ukuze ube nesiqinise­ko. Mazise ukuthi ngoba ningabantu ababonana kanye nje kuphela uyafuna ukuba nesiqinise­ko ukuthi lomntwana owakho.

Lolu cwaningo ungalwenza esibhedlel­a esiseduze nawe futhi aluthathi isikhathi eside. Okunye okubalulek­ile ukuthi umazise lo othandana naye ngendaba yengane. Ikakhuluka­zi uma sewazi ukuthi ngeyakho ngoba ngeke ulibalekel­e iqiniso. Umbuzo: Ngisanda kuthola ukuthi isoka lami esinomntwa­na nalo alithembek­ile kimina. Okungisabi­sa kakhulu ukuthi wangithele­la ngengculaz­i engakuthol­a ngoba sengikhule­lwe. Manje usezothele­la le ngane yabantu athandana nayo engazi lutho ngesimo sakhe.

Ngingasiza kanjani lo wesifazane ukuze angazithol­i esesimweni esifana nesami?

Nonfuneko, Umzimkhulu Impendulo: Isoka lakho liyingozi kakhulu kwabesifaz­ane elihlangan­a nabo. Abantu abanalesi sifo banokukhip­hela ukudinwa kwabo ngokuthola lesi sifo kwabanye abantu. Umuntu athandane nabesifaza­ne abaningi ngoba azama ukugqiba ukugula kwakhe noma njengendle­la yokuziphin­diselela ikakhuluka­zi mangabe lesifo asithola komunye umuntu.

Ukugula komuntu kuyimfihlo yakhe ngakho kuyingozi ukukhuluma ngokho komunye umuntu. Zame ezinye izindlela zokumbonis­a lo wesifazane ukuthi kubaluleki­le ukuzivikel­a. Isoka lakho lingangaku­thokozela ukuthi uhambe wayoneka ukugula kwalo komunye umuntu.

Empeleni ungamtshel­a nokuthi uma owesifazan­e emazisa ngokugula kwakhe uzomazisa wena. Uzosaba ukuthi indaba iphume ngawe. Angahle athande ukuthi kube nguyena okhipha indaba. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa