Amaphoyisa axwayisa abazoqeda ukubhala
AMAPHOYISA aseThekwini asekhiphe isexwayisa esishubile kubafundi abazoqeda ukubhala izivivinyo zabo ngesonto elizayo bese bezozijabulisa edolobheni.
Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu uthe njengoba abafundi bakwa-matric bezoqeda ukubhala izivivinyo zabo ngoMsombuluko kujwayelekile ukuthi bathutheleke eThekwini, ikakhulukazi emabhishi bezojabulela ukuphothula ukubhala.
“Ayikho into embi ngokuzijabulisa kodwa sifisa ukuxwayisa abazozijabulisa ngokuthi amaphoyisa azobe eqaphile ukuthi abawuphuli yini umthetho ngesikhathi bezijabulisa noma sebehamba sebephuma kojabula,”kusho uNdlovu.
Uthe into abaxwayisa kakhulu ngayo intsha wukuthi ingaphuzi utshwala bese iyashayela ngoba lokhu kuyicala.
“Ezinye zezinto ezihluphayo uma intsha izijabulisa ukuphuza bese ishayela izimoto ngaphandle kwezincwadi zokushayela. Into embi ngokuboshelwa ukushayela ukuthi kuthathwa amanyela eminwe ubekwe icala. Uma likulahla ugcina unerekhodi lecala okuyinto obungayigwema ngokulandela umthetho,” kuchaza uNdlovu.
Uthe intsha ikukhonze kakhulu ukuyozijabulisa ngasebhishi yikho bezobe beziqaphe ngelokhozi lezi zindawo.
“Umthetho usamile, akuphuzwa ebhishi, amaphoyisa akwaSAPS nawakwaMetro azobe eqaphile ukuthi abantu abaphuzi yini emabhishi ngoba akuvumelekile. Nokukhipha amakhanda ngaphandle kwamawindi ematekisini agqomayo akuvumelekile. Ukwenza kanjalo kuzofaka enkingeni nomshayeli wetekisi,” kusho uNdlovu.
Uxwayise nabazobe beye kwezinye izindawo zobumnandi ukuthi bangashiyi iziphuzo zabo zingagadiwe uma bedinga ukuya ethoyilethe ngoba lokhu kungabafaka engozini yokuthi zifakwe izidakamizwa bese benukubezwa.
“Uma umuntu eya ekilabhini akangahambi yedwa, akube khona abantu ahamba nabo ukuze bagadane. Ngesinye isikhathi sithola abantu sebenukubeziwe ngoba bebehamba bodwa base beya koma ezitobhini sebephuzile, beyolinda izimoto zokuhamba. Abanye bazithola sebegibela izimoto zabantu abangabazi nakho okubabeka engcupheni,”
UNdlovu uthe izidakamizwa nazo ziyabophisa. Intsha ayiziqhelise ekusetshenzisweni kwezidakamizwa nokushushumbiswa kwazo.
Enye into athe ikhathaza kakhulu ngabantu abahamba emakhaya bengashongo ukuthi bayaphi bese uthola abazali bezovula amacala becabanga ukuthi balahlekile kanti basezindaweni zabo.
“Uma umuntu ehamba ekhaya, akube khona amtshelayo ukuthi uyaphi futhi uzobuya nini. Noma ngabe ngeke esabuya ekhaya kubalulekile ukuxhumana nomndeni awazise ukuthi uphephile ngoba kuba yinkinga uma sekubikwa amacala kusetshenziswe izinsizakusebenza zikahulumeni, kubhekwa umuntu kanti uzihlalele nesoka lakhe noma uyazijabulisa akalahlekile,” kusho uNdlovu.
Uthe ngalesi sikhathi samaholidi ziba ziningi izinkinga zokulahleka kwezingane ezisuka ezindaweni ezisemakhaya zivakashela izihlobo eThekwini.
“Ingane uma ivakasha kumele ibe nemininingwane yezihlobo zayo esuke izivakashela nezinombolo zocingo. Ibe nazo nezinombolo zasekhaya. Osuke evakashelwa yingane kumele ahlale njalo evule ucingo ukuze ikwazi ukumthola uma isiyehlile esitobhini ukuze batholane kalula.”
UNdlovu uthe lokho kugwema ukuthi kugcine kunenqwaba yezingane ezidukile esiteshini ngoba abanayo indawo yokulala futhi uma umuntu ozolanda ingane engasatholakali, ingane iba ngumthwalo kamshayeli wetekisi osuke esehla enyuka nayo engasakwazi nokuqhubeka nomsebenzi wakhe.
“Uma ingane ingasamtholi umuntu esuke ize kuye lokho kwandisa amathuba okuthi ilahleke noma ithole abantu abazoyinukubeza,” kuchaza uNdlovu.
Uthe abantu mabajabule kodwa bazigade, bahlale beqaphile ngoba ngalesi sikhathi nezigebengu zisuke zibhokile.