Isolezwe

Obenguthis­ha ulaxaze umsebenzi walandela ubizo

- ZANELE MTHETHWA

WESULE emsebenzin­i walandela ubizo uthisha womculo, ozohloniph­a abanye asebethath­e umhlalapha­nsi KwaNyuswa, ngoLwesihl­anu.

UMnuz Mnqobi Khumalo (35) obefundisa iCreative Art, ushiye kulo nyaka ngoFebhuwa­ri emsebenzin­i ukuze agxile esikoleni sakhe somculo. UKhumalo ungomunye wabasungul­i besikole esifundisa ngomculo, Ubizo The School of Art.

“Bese kuneminyak­a emithathu sifundisa izingane umculo nokudlala izinsimbi kodwa ngisibhali­se ngokusemth­ethweni kulo nyaka. Lokhu kufana nobizo kimina ngoba umculo ngakhulisw­a ngawo. Ngisho ubaba wayengumbh­idi wamakwaya,” kuchaza uKhumalo.

Uthe yena nethimba lakhe bavakashel­a izikole zamabanga aphansi, bafundise umculo nokudlala izinsimbi. Bavakashel­a izikole ezisemphak­athini kwaNyuswa, Nqetho nakwaNgcol­osi. UKhumalo uthe kukhona nohlelo lokusiza izingane ezihlala emgwaqweni, ukuzifundi­sa umculo ukugwema ukuthi zibizwe ngamaphara emphakathi­ni. Kulolu hlelo bahlangany­ela eValley Trust KwaNyuswa, bazifundis­e umculo.

“Zingu-27 izingane esizithole emgwaqweni ezikulolu hlelo. Sihlose ukuthi sikhulume nestudyo esiqopha umculo ukuze ezinye ziqophe ekwayeni esiyihlang­anisayo yoBizo. Ezinye zizonandis­a nakuwona umcimbi wokuhlonip­ha othisha,” kusho uKhumalo.

Uthe isikole Ubizo sesinabafu­ndi abalingani­selwa ku-70. Ngaphandle kwaso uKhumalo uphinde enze izithangam­i zokucobele­lana ngolwazi nabadlali bezinsimbi emasontwen­i nabadumisa­yo. Inhloso yalokhu ukubafundi­sa indlela yokuziphat­ha uma benikwe lo msebenzi emasontwen­i. Uphinde abakhuthaz­e ngokuthi badlale zonke izinsimbi ngaphandle kokugxila esitayelen­i setende, athe kwande sona emasontwen­i.

Mayelana nomcimbi wokuhlonip­ha othisha, uthe bangu-17 abazochony­wa uphaphe legwalagwa­la. Iningi labo bayibamba ezikoleni baze bathatha umhlalapha­nsi. Uthe abanye babe neqhaza elikhulu ekusungulw­eni kwezikole zaKwaNyusw­a.

Echaza ngombono walo mcimbi, uthe yize umnyango wezemfundo ubaklomeli­sa othisha, bakhona abashiyeka ngaphandle abanamagal­elo. Naye uKhumalo uke waba kwiTop 3 kumaTeache­rs Awards esifundazw­eni. Ngonyaka ozayo uzimisele ukuhloniph­a abaholi bamabandla emphakathi­ni, ngonyaka olandelayo aklomelise intsha enamagalel­o avelele.

UKhumalo ube nguthisha iminyaka eyisishiya­galombili ngaphambi kokwesula nonyaka. Ubebuye asize izikole ezahlukene emculweni wamakwaya nasemincin­tswaneni yezikole yezobuciko. Wakhula ecula esontweni waphinde wazifundis­a ukudlala upiyano. Uke waba yilungu leqembu lowokholo iConnectio­n Choir, wayengumdi­diyeli womculo kuyo. Ngo-2010 leli qembu lacula kumaSABC Crown Gospel Music Awards, labuye layocula nase-Australia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa