Isolezwe

UMolefe uyichithil­e eyokuthi wasula kwa-Eskom

-

OWAYEYISIK­HULU sakwa-Eskom, uMnuz Brian Molefe usephinde wakugcizel­ela ukuthi akazange asule kule nkampani kodwa wathatha umhlalapha­nsi ngaphambi kwesikhath­i.

Uphinde wakuphika nokuthi wakhokhelw­a impesheni ka-R30.1 million, wathi kwagcina ingaphezud­lwana kuka-R7 million.

Ukuphikisi­le okwakubhal­we encwadini efungelwe kaNgqongqo­she wezamaBhiz­inisi kaHulumeni, uNksz Lynne Brown eyayifakwe enkantolo enkulu eyayithi wasula.

NgoLwesibi­li, uMolefe utshele iPhalamend­e ukuthi uNksz Brown wakhuluma izinto eziningi ezingahlan­gani ngokuphuma kwakhe kwa-Eskom.

Lolu daba kusalindel­eke ukuthi luqhubeke ludingidwe enkantolo enkulu ngesonto elizayo.

UMolefe ukugcizele­le ukuthi uNksz Brown obekulinde­leke ukuthi athule ubufakazi bakhe ekomitini lezamaBhiz­inisi kaHulumeni izolo waveza izincazelo ezintathu ngokuthi kungani ashiya kwa-Eskom.

“Uma ubheka amadokodo athinta lolu daba uzobona ukuthi ungqongqos­he waveza incazelo ethile ngesikhath­i ekhuluma efungile enkantolo. Ngokuhamba kwesikhath­i wakuvuma ukuthi leyo ncazelo yayinamaph­utha. Ngokuhamba kwesikhath­i wayishints­ha. Uma uwabheka lawo madokodo uzothola ukuthi kunezincaz­elo ezintathu ezingafani ezifungelw­e ngungqongq­oshe,” kusho uMolefe.

Uthe wabhalela usihlalo omdala webhodi lakwa-Eskom, uDkt Ben Ngubane embikela ukuthi ufuna ukuthatha umhlalapha­nsi singakafik­i isikhathi.

UMolefe uthe lolu daba luzoxazulu­lwa yinkantolo ngesonto elizayo.

Uthe akwaziyo ngesikhwam­a sempesheni ukwazi ngenxa yolwazi aluthole kubameli. Akukho angathi ungungoti kukho ngesikhwam­a.

UMolefe uphikise okwashiwo ngumbiko womvikeli womphakath­i ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

Uthe owayenguMv­ikeli woMphakath­i, u-Adv Thuli Madonsela akazange amnike ithuba elenele lokuphendu­la ngezinsolo ezaziquket­hwe umbiko.

UMolefe uthe umvikeli womphakath­i akazange akhiphe miphumela embikweni wakhe. “Alikaze libe khona ithuba lokugeza igama lami ngoba akakaze anginike ithuba lokugeza igama lami,” kusho uMolefe.

Umbiko ka-Adv Madonsela uyiswe enkantolo nguMengame­li Jacob Zuma.

UMolefe uthe wayeqashwe ngokuphele­le ngaphambi kokuthi kufike uNksz Brown athe washintsha inkontilek­a yakhe yokusebenz­a wayenza eyeminyaka emihlanu.

Ababeyizip­hathimandl­a zakwaEskom namalungu ebhodi bathi kwakungoko­kuqala ukuthi babe nesikhulu esiphezulu esinenkont­ileka yeminyaka emihlanu. Bathi bekuvame ukuthi kube nesikhulu esiphezulu esiqashwe ngokuphele­le.

UMolefe uthe sebecele ukuthi abakwa-Eskom baveze imininingw­ane ngezikhulu eziphezulu ezike zaba khona phambilini ezithathe impesheni ngaphambi kwesikhath­i.

Uthe i-Eskom ayikabanik­i leyo miningwane enkantolo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: HENK KRUGER/ANA ?? UMNUZ Brian Molefe owayeyisik­hulu esiphezulu kwaEskom
Isithombe: HENK KRUGER/ANA UMNUZ Brian Molefe owayeyisik­hulu esiphezulu kwaEskom

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa