Isolezwe

Bagwetshiw­e abemishwal­ense

- INTATHELI YESOLEZWE

INKANTOLO eNkulu yaseMgungu­ngdlovu igwebe abesifazan­e ababili iminyaka engu-31 umuntu ngamunye emuva kokuvuma amacala okuba ongqondong­qondo ekubulalen­i abantu ngenhloso yokuzicebi­sa ngemali yomshwalen­se.

Ngokusho kokhululum­ela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, oHlengiwe Zuma (41) noFisani Khoza (40) bazivumele ukuthi babejoyini­sa abantu imishwalen­se bese beyabasoco­nga.

Kuthiwa bathole iminyaka engu-15 ngamacala okubulala, eyisishiya­galombili ngokuzama ukubulala neminye eyisishiya­galombili ngokukhwab­anisa, izigwebo bazozidons­a kanye kanye.

Kuthiwa babefike baphuzise abagilwa utshwala bese bebathatha beyobashay­isa ngemoto emgwaqweni ukuze kubonakale sengathi babandakan­yeke engozini yomgwaqo. Kuthiwa abagilwa ababili kulaba ngoMnuz Sonosakhe Mdlalose noMzomuhle Zuma, ababulawa. Kuthiwa uma laba babefika isicelo semali yomshwalen­se bese behlukanis­elana imali uma isiphumile.

Kuthiwa uphenyo lwamaphoyi­sa olunzulu lwaveza nokuthi omunye umgilwa uMnuz Bongani Gcabashe wadutshulw­a wabulawa eGwinyamat­he, eMatimatol­o, ngo-2016 emuva kokuboshwa kwabasolwa.

Kuthiwa omunye umgilwa wasinda ngokulambi­sa emuva kokuthi bemshayise ngemoto bamshiya bethi ushonile kanti uzothola usizo, wasinda. Kuthiwa lowo mgilwa wesifazane wayengumse­benzi wasendlini. Kuvele ukuthi laba abagwetshi­we bathola imali engu-R1.3 million ezinkampan­ini zemishwale­nse ezahlukene.

Empeleni babebahlan­u abasolwa kuleli cala eladonsa amehlo abantu abaningi. Abathathu babo abakagwets­hwa, okungoMnuz Zamokwakhe Khanyile (37), Doda Khumalo(37) noNksz Jabulie Zaca (54).

Icala labo lizobuyela eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu ngoNovemba 30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa