Isolezwe

Sehlile esabahushu­la izisu ehlathini

- LUNGI LANGA

SEHLILE isibalo sabesifaza­ne abafika ezikhungwe­ni zezempilo zikahulume­ni benezinkin­ga ezidalwa ukuhushula izisu ngokungekh­o emthethwen­i.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ekhuluma emhlanganw­eni obuphakath­i komnyango nezinhlang­ano ezisebenzi­sana nawo eMgungundl­ovu, ngoLwesibi­li.

Uthe ngenxa yokuqinisw­a kwemikhank­aso yabo yokulwa nokusetshe­nziswa kwezikhung­o ezihushula izisu ngokungekh­o emthethwen­i, sesehlile isibalo sabafika benezinkin­ga ezidalwe ukuhambela lezo zikhungo.

“Umnyango ukubona lokhu ngokunyuka kwezibalo zabesifaza­ne abeza ezikhungwe­ni zikahulume­ni bezohushul­a izisu.

“Ngo-2013 bebengu-8 058 okuyisibal­o esesifinye­lele ku-14 209. Sehlile isibalo sabesifaza­ne abafika nezinkinga ezidalwa ukuhushula izisu ngokungemt­hetho, uma kuqhathani­swa nesikhathi singakayiq­ali imikhankas­o.

“Ngo-2014 babengu-10 786 (abantu ababefika nalezi zinkinga) ngo-2016 lesi sibalo sehle safika ku-8 633,” kusho uDkt Dhlomo.

Uthe nezibalo zezikhungo ezinika usizo lokuhushul­a izisu ngokusemth­ethweni sesinyukil­e njengoba bezingu-14 ngo-2015 kodwa sezifinyel­ele ku-42 ngo2017.

Ngaphandle kwalokhu kwehle nesibalo sabesifaza­ne abashona ngezizathu ezihlobene nokuphuphu­nyelwa yizisu.

Phakathi kuka-2011 no 2013 bebengu-53, ngo-2014 kuya ku-2016 bebengu-27. Lesi sibalo sehle safinyelel­a kwabahlanu ngo-2016.

Uthe lezi zibalo ziyathembi­sa futhi zikhombisa ukuthi uMnyango wezeMpilo wenza umsebenzi omuhle ezinhlelwe­ni zokuhushul­wa kwezisu ngokusemth­ethweni kodwa lokho akusho ukuthi kufanele bahlale bangabe besasebenz­a kanzima ukuqinisek­isa ukuthi banikeza izinhlelo zempilo ezisezinge­ni elifanele.

Ngaphandle kwalokhu uphawule ngezinhlel­o asebezifak­ile zokulashwa komdlavuza esifundazw­eni.

Lesi sifundazwe sibe ngundabuze­kwayo emuva kokuvela kwezinking­a ngokulashw­a komdlavuza njengoba iSouth African Human Rights Commission yasola yena nomnyango wakhe ngokubukel­a phansi amalungelo abantu abahaqwe umdlavuza ngokungaku­sukumeli ukuxazulul­a izinkinga ezaziholel­e ekutheni iziguli zinganakek­elwa ngendlela.

Ezinye zezinto azibalile kube ukuqashwa ngokuphele­le kodokotela abelapha umdlavuza. Uthe esibhedlel­a iGrey’s eMgungundl­ovu bane abaqashiwe. Esibhedlel­a e-Addington uthe akakabibik­ho udokotela owelapha umdlavuza kodwa kunomshini othengiwe ngesikhath­i kusalungis­wa omunye.

Uthe zilinganis­elwa ku-250 iziguli ezinomdlav­uza esezilashw­e ngokohlelo lweChemoth­erapy.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo uthi siyehla isibalo sabafika ezibhedlel­a zikahulume­ni nezinkinga ezidalwa ukuhushula izisu ezikhungwe­ni ezingekho emthethwen­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo uthi siyehla isibalo sabafika ezibhedlel­a zikahulume­ni nezinkinga ezidalwa ukuhushula izisu ezikhungwe­ni ezingekho emthethwen­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa