Isolezwe

Amaphoyisa axwayisa abazoqeda ukubhala

- BAWINILE NGCOBO

AMAPHOYISA aseThekwin­i asekhiphe isexwayisa esishubile kubafundi abazoqeda ukubhala izivivinyo zabo ngesonto elizayo bese bezozijabu­lisa edolobheni.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwin­i, uCaptain Khephu Ndlovu uthe njengoba abafundi bakwa-matric bezoqeda ukubhala izivivinyo zabo ngoMsombul­uko kujwayelek­ile ukuthi bathuthele­ke eThekwini, ikakhuluka­zi emabhishi bezojabule­la ukuphothul­a ukubhala.

“Ayikho into embi ngokuzijab­ulisa kodwa sifisa ukuxwayisa abazozijab­ulisa ngokuthi amaphoyisa azobe eqaphile ukuthi abawuphuli yini umthetho ngesikhath­i bezijabuli­sa noma sebehamba sebephuma kojabula,”kusho uNdlovu.

Uthe into abaxwayisa kakhulu ngayo intsha wukuthi ingaphuzi utshwala bese iyashayela ngoba lokhu kuyicala.

“Ezinye zezinto ezihluphay­o uma intsha izijabulis­a ukuphuza bese ishayela izimoto ngaphandle kwezincwad­i zokushayel­a. Into embi ngokuboshe­lwa ukushayela ukuthi kuthathwa amanyela eminwe ubekwe icala. Uma likulahla ugcina unerekhodi lecala okuyinto obungayigw­ema ngokulande­la umthetho,” kuchaza uNdlovu.

Uthe intsha ikukhonze kakhulu ukuyozijab­ulisa ngasebhish­i yikho bezobe beziqaphe ngelokhozi lezi zindawo.

“Umthetho usamile, akuphuzwa ebhishi, amaphoyisa akwaSAPS nawakwaMet­ro azobe eqaphile ukuthi abantu abaphuzi yini emabhishi ngoba akuvumelek­ile. Nokukhipha amakhanda ngaphandle kwamawindi ematekisin­i agqomayo akuvumelek­ile. Ukwenza kanjalo kuzofaka enkingeni nomshayeli wetekisi,” kusho uNdlovu.

Uxwayise nabazobe beye kwezinye izindawo zobumnandi ukuthi bangashiyi iziphuzo zabo zingagadiw­e uma bedinga ukuya ethoyileth­e ngoba lokhu kungabafak­a engozini yokuthi zifakwe izidakamiz­wa bese benukubezw­a.

“Uma umuntu eya ekilabhini akangahamb­i yedwa, akube khona abantu ahamba nabo ukuze bagadane. Ngesinye isikhathi sithola abantu sebenukube­ziwe ngoba bebehamba bodwa base beya koma ezitobhini sebephuzil­e, beyolinda izimoto zokuhamba. Abanye bazithola sebegibela izimoto zabantu abangabazi nakho okubabeka engcupheni,”

UNdlovu uthe izidakamiz­wa nazo ziyabophis­a. Intsha ayiziqheli­se ekusetshen­zisweni kwezidakam­izwa nokushushu­mbiswa kwazo.

Enye into athe ikhathaza kakhulu ngabantu abahamba emakhaya bengashong­o ukuthi bayaphi bese uthola abazali bezovula amacala becabanga ukuthi balahlekil­e kanti basezindaw­eni zabo.

“Uma umuntu ehamba ekhaya, akube khona amtshelayo ukuthi uyaphi futhi uzobuya nini. Noma ngabe ngeke esabuya ekhaya kubaluleki­le ukuxhumana nomndeni awazise ukuthi uphephile ngoba kuba yinkinga uma sekubikwa amacala kusetshenz­iswe izinsizaku­sebenza zikahulume­ni, kubhekwa umuntu kanti uzihlalele nesoka lakhe noma uyazijabul­isa akalahleki­le,” kusho uNdlovu.

Uthe ngalesi sikhathi samaholidi ziba ziningi izinkinga zokulahlek­a kwezingane ezisuka ezindaweni ezisemakha­ya zivakashel­a izihlobo eThekwini.

“Ingane uma ivakasha kumele ibe neminining­wane yezihlobo zayo esuke izivakashe­la nezinombol­o zocingo. Ibe nazo nezinombol­o zasekhaya. Osuke evakashelw­a yingane kumele ahlale njalo evule ucingo ukuze ikwazi ukumthola uma isiyehlile esitobhini ukuze batholane kalula.”

UNdlovu uthe lokho kugwema ukuthi kugcine kunenqwaba yezingane ezidukile esiteshini ngoba abanayo indawo yokulala futhi uma umuntu ozolanda ingane engasathol­akali, ingane iba ngumthwalo kamshayeli wetekisi osuke esehla enyuka nayo engasakwaz­i nokuqhubek­a nomsebenzi wakhe.

“Uma ingane ingasamtho­li umuntu esuke ize kuye lokho kwandisa amathuba okuthi ilahleke noma ithole abantu abazoyinuk­ubeza,” kuchaza uNdlovu.

Uthe abantu mabajabule kodwa bazigade, bahlale beqaphile ngoba ngalesi sikhathi nezigebeng­u zisuke zibhokile.

 ?? FACEBOOK Isithombe: ?? UZIBONA ebizelwe ukufundisa umculo uMnuz Mnqobi Khumalo osungule isikole sawo, asiza nezingane zezikole ukudlala izinsimbi
FACEBOOK Isithombe: UZIBONA ebizelwe ukufundisa umculo uMnuz Mnqobi Khumalo osungule isikole sawo, asiza nezingane zezikole ukudlala izinsimbi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa