UMolefe uyichithile eyokuthi wasula kwa-Eskom
OWAYEYISIKHULU sakwa-Eskom, uMnuz Brian Molefe usephinde wakugcizelela ukuthi akazange asule kule nkampani kodwa wathatha umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi.
Uphinde wakuphika nokuthi wakhokhelwa impesheni ka-R30.1 million, wathi kwagcina ingaphezudlwana kuka-R7 million.
Ukuphikisile okwakubhalwe encwadini efungelwe kaNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uNksz Lynne Brown eyayifakwe enkantolo enkulu eyayithi wasula.
NgoLwesibili, uMolefe utshele iPhalamende ukuthi uNksz Brown wakhuluma izinto eziningi ezingahlangani ngokuphuma kwakhe kwa-Eskom.
Lolu daba kusalindeleke ukuthi luqhubeke ludingidwe enkantolo enkulu ngesonto elizayo.
UMolefe ukugcizelele ukuthi uNksz Brown obekulindeleke ukuthi athule ubufakazi bakhe ekomitini lezamaBhizinisi kaHulumeni izolo waveza izincazelo ezintathu ngokuthi kungani ashiya kwa-Eskom.
“Uma ubheka amadokodo athinta lolu daba uzobona ukuthi ungqongqoshe waveza incazelo ethile ngesikhathi ekhuluma efungile enkantolo. Ngokuhamba kwesikhathi wakuvuma ukuthi leyo ncazelo yayinamaphutha. Ngokuhamba kwesikhathi wayishintsha. Uma uwabheka lawo madokodo uzothola ukuthi kunezincazelo ezintathu ezingafani ezifungelwe ngungqongqoshe,” kusho uMolefe.
Uthe wabhalela usihlalo omdala webhodi lakwa-Eskom, uDkt Ben Ngubane embikela ukuthi ufuna ukuthatha umhlalaphansi singakafiki isikhathi.
UMolefe uthe lolu daba luzoxazululwa yinkantolo ngesonto elizayo.
Uthe akwaziyo ngesikhwama sempesheni ukwazi ngenxa yolwazi aluthole kubameli. Akukho angathi ungungoti kukho ngesikhwama.
UMolefe uphikise okwashiwo ngumbiko womvikeli womphakathi ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
Uthe owayenguMvikeli woMphakathi, u-Adv Thuli Madonsela akazange amnike ithuba elenele lokuphendula ngezinsolo ezaziqukethwe umbiko.
UMolefe uthe umvikeli womphakathi akazange akhiphe miphumela embikweni wakhe. “Alikaze libe khona ithuba lokugeza igama lami ngoba akakaze anginike ithuba lokugeza igama lami,” kusho uMolefe.
Umbiko ka-Adv Madonsela uyiswe enkantolo nguMengameli Jacob Zuma.
UMolefe uthe wayeqashwe ngokuphelele ngaphambi kokuthi kufike uNksz Brown athe washintsha inkontileka yakhe yokusebenza wayenza eyeminyaka emihlanu.
Ababeyiziphathimandla zakwaEskom namalungu ebhodi bathi kwakungokokuqala ukuthi babe nesikhulu esiphezulu esinenkontileka yeminyaka emihlanu. Bathi bekuvame ukuthi kube nesikhulu esiphezulu esiqashwe ngokuphelele.
UMolefe uthe sebecele ukuthi abakwa-Eskom baveze imininingwane ngezikhulu eziphezulu ezike zaba khona phambilini ezithathe impesheni ngaphambi kwesikhathi.
Uthe i-Eskom ayikabaniki leyo miningwane enkantolo.