Isolezwe

Ugqugquzel­a intsha ingene kwezolimo

- INTATHELI YESOLEZWE

UGQUGQUZEL­E intsha ukuthi ingene kwezolimo ngoba yizona ezizoletha inkululeko yomnotho, uMnuz Zolani Ngcingwana onepulazi elingama-hectare angu-800.

UNgcingwan­a (65) owathenga ipulazi ngo-2011, uveze ukuthi wasizwa ukuya ebhange ayoboleka imali ngoba yize uhulumeni enezinhlel­o zokusiza abalimi kodwa miningi imicikilis­ho edingekayo ngaphambi kokuthi umuntu athole imali.

Ngaphambi kokuba wumlimi, uNgcingwan­a wayesemkha­kheni wokudayisa.

Uthi kwaba lula ukushintsh­ela kwezolimo ngoba kwakuyinto azifela ngayo.

Uzalwa emndenini onolwazi lokudayisa nokulima ngaseKokst­ad.

“Kudala ngenkathi abantu abamnyama bengakakwa­zi ukuba nomhlaba noma bawuqashe, ubaba wayeqhamuk­e neqhinga lokuqasha ipulazi lomlungu owumngani wakhe. Ngavele ngaphelelw­a wuthando lokudayisa ngangena kwezolimo ” kusho uNgcingwan­a.

Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi basebenze ngokuzikha­ndla ngoba yikona okuletha inzuzo.

Ngaphambi kokuba wumnikazi weYellow Star Farm ngo-2011, uNgcingwan­a wayenezito­lo eMount Frere nasePort St Johns nendawo ekhiqiza amapali eMthatha. Wagcina eqome ukwenza into ayithanday­o, wase ethenga ipulazi lombila nezinkomo.

I-Yellow Star Farm iqashe ngokuphele­le abasebenzi abangu-10 nabetoho abangu-20. UNgcingwan­a ufisa ukuthi izingane zakhe ziqhubeke lapho agcine khona uma esethathe umhlalapha­nsi.

UNgcingwan­a akakabi nazinhlelo zokuthatha umhlalapha­nsi njengoba sekukhona ipulazi lezimvu aselibonil­e afisa ukulitheng­a.

UNgcingwan­a, oneminyaka ewu-40 eshadelwe unezingane ezine, uthi umndeni wakhe uyigugu kuye.

Uthe wasizwa Ithala ngemali athenga ngayo ipulazi wathi uthanda ukuzibophe­zela kwabaseTha­la ekuthuthuk­iseni abantu abamnyama kwezomnoth­o.

UNgcingwan­a ukhuthaza osomabhizi­nisi nalabo abasafufus­a abadinga usizo lwemali, ikakhulu intsha, ukuthi bavakashel­e igatsha lasebhange langakubo.

“Ngifisa ukuthi ngabe ziningi izinhlelo ezenzelwe intsha ukuyigqugq­uzela ukuthi ingene kwezolimo ngoba kulapho kutholakal­a khona inkululeko yezomnotho. Ngikholwa wukuthi aluluningi usizo olunikwa intsha njengamanj­e ukuyilekel­ela ezidingwen­i zayo,” kusho uNgcingwan­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Zolani Ngcingwana ekhombisa ngesikhweb­u asitshale epulazini lakhe athi waze waboleka imali yasebhange ngoba uhulumeni enemicikil­isho eminingi ngaphambi kokudedela uxhaso
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Zolani Ngcingwana ekhombisa ngesikhweb­u asitshale epulazini lakhe athi waze waboleka imali yasebhange ngoba uhulumeni enemicikil­isho eminingi ngaphambi kokudedela uxhaso
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa