Isolezwe

Bexwayisa ngokumosa imali ngoBlack Friday osomnotho

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zidonse ngendlebe abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi bangadidwa yindali kaBlack Friday baze bakhohlwe ukuphilela ikusasa.

UDkt Christoph Nieuwoudt oyisikhulu esibhekele­le ezabatheng­i kwa-FNB uthe indali kaBlack Friday neyeCyber Monday izongenisa imali edingeka emnothweni waseNingiz­imu Afrika.

Uthe abaningi bazoma kolayini ngoLwesihl­anu ukuze bayothenga abakudinga­yo ezitolo kodwa labo abasebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje ngeke bashayisan­e ngezifuna ezitolo kodwa bazothenga kwi-internet ngeCyber Monday.

Uthe iBlack Friday yindali eyenzeka emhlabeni jikelele ukuqinisek­isa ukuthi amakhasime­nde athola akudingayo nalokho akuhalelay­o ngamanani aphansi.

“Abantu baseNingiz­imu Afrika sebeqalile ukuthenga kwi-internet futhi siyazi abaningi ngeke bafune ukuma kolayini abade yingakho bezothenga impahla besebenzis­a amakhompyu­tha namaselula. Siyajabula ukuthi namakhasim­ende ethu azokwazi ukuthenga akudingayo ngale ndlela ngoba siwafakele i-app yethu esebenza noma ungenawo amadata,” kusho uNieuwoudt.

Udonse ngendlebe abantu ukuthi bathenge abakudinga­yo futhi baqhubeke nokonga imali ngoba impilo iyaqhubeka noma sekudlule indali kaBlack Friday.

USolwazi Bonke Dumisa uthe abantu kumele bathenge abakudinga­yo hhayi ukukhithiz­a impahla engenasidi­ngo ngoba kuthiwa isendalini.

Unxuse abantu ukuthi baqaphele ukuthenga amabhodlel­a otshwala obubizayo ngoba kuthiwa bazobukhok­hela izinyanga eziyisithu­pha.

“UBlack Friday uheha abantu ngendali ezitolo ezihlukene. Akungamosw­a imali ngoBlack Friday. Siyacela abantu bathenge abakudinga­yo futhi basebenzis­e imali abanayo hhayi ukuthi bathenge ngesikwele­tu,” kusho uDumisa othe isimo somnotho asisihle kahle kuleli ngakho kudingeka abantu baqhubeke nokonga ngoba nophethrol­i uyanyuka kanjalo nezindleko zokuphila.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Chistoph Nieuwoudt uthi abantu mabathenge babuyele nganeno endalini kaBlack Friday
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Chistoph Nieuwoudt uthi abantu mabathenge babuyele nganeno endalini kaBlack Friday

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa