Abanamava kuMthatha Bucks
KUKHONJWA abaqeqeshi abanamava esikhundleni somsebenzi wokucija uMthatha Bucks ogijima kwiNational First Division (NFD).
Leli phephandaba lihoshe izindaba zokuthi uMthatha kungenzeka uvuke ngoRoger Sikhakhane, Dan Malesela noma uVladislav Heric. UMthatha awunaye umqeqeshi ozimele njengoba uxoshe u-Ian Palmer.
Njengamanje izintambo zisabanjwe nguMondli Funani. USikhakhane usanda kuhlukana neRichards Bay FC kanti uHeric uhlukane neCape Town All Stars. Bobathathu laba baqeqeshi bazakhele igama kwiNFD.
“UMthatha ufuna abaqeqeshi abanesipiliyoni seNFD. Phakathi kwabaqeqeshi esike yakhuluma nabo singabala uRoger Sikhakhane noVladislav Heric. Omunye umqeqeshi iqembu elike lamthinta nguDan Malesela,” kusho umthombo.
Kuthintwa isikhulu esiphezulu kuMthatha uLuxolo Matikinca akazange aphumele obala ngokuthi bazoqasha bani.
“Uhlelo lokuqasha umqeqeshi omusha luyaqhubeka. Luhamba kahle kakhulu futhi sekusele kancane simthole umqeqeshi omusha. Ngicabanga ukuthi ngesonto elizayo umqeqeshi sizobe sesinaye. Ngithinte kahle ngoLwesihlanu mhlawumbe ngizokwazi ukukunika into eqondile.
“Ngiyezwa simataniswa noRoger Sikhakhane noDan Malesela. Abalandeli bayamthanda uRoger futhi sonke siyawazi amagalelo akhe. UDan naye waziwa ngokudlalisa ibhola elimnandi futhi useke wayibamba kwiNFD. Nokho ngeke ngidalule igama ngoba lokho kungaphazamisa izingxoxo. Engingakuqinisekisa wukuthi sifuna umqeqeshi onamava okucija kwiNFD,” kusho uMatikinca.
USikhakhane udle umhlanganiso kwiNFD neThanda Royal Zulu ngesizini edlule. UMalesela useke wayibamba kwiCape Town All Stars nakwi-United FC.
UMthatha udonsa kanzima. Uhlezi endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-13 ngemuva kwemidlalo engu-11. NgeSonto ngo-3.30 ntambama uzodudulana noBuntu Cape Town eMthatha Stadium, e-Eastern Cape.
UHeric uqinisekisile ukuthi akaseyena umqeqeshi weCape Town All Stars.
“Bangixoshile ngemuva kokuthi ngishaywe imidlalo emibili ilandelana. UMthatha ubungakaze ungithinte kodwa uma kukhona iqembu elingifunayo ngikulungele ukuthatha umsebenzi,” kusho uHeric.
Lo mqeqeshi useke wakhuphula amaqembu amabili esigabeni esikhulu. Wakhuphula iBay United esiyaziwa ngePolokwane City neChippa United.
Cape Town All Stars v Uthongathi FC (3.30pm, Parow Park).
Super Eagles v Black Leopards (3.30pm, Goble Park); Tshakuma v Royal Eagles (3.30pm, Thohoyandou); Pretoria University v Richards Bay (3.30pm, Absa Tuks Stadium); Highlands Park v Witbank Spurs (3.30pm, Makhulong Stadium).
Real Kings v Stellenbosch (3.30pm, Sugar Ray Xulu Stadium); Mthatha Bucks v Ubuntu Cape Town (3.30pm, Mthatha Stadium); Jomo Cosmos v
Mbombela United (3.30pm, Vosloorus).