Isolezwe

Uzocaba eyapheshey­a ngokuchili­za uKhune

- LUNGILE MAJOKA

UNEPHUPHO lokuyodlal­a phesheya unozinti weKaizer Chiefs oyibamba kwiMultich­oice Diski Challenge (MDC), uBruce Bvuma. UBvuma (22) kuke kwasuka umsindo ngaye kuvela ukuthi uhola amakinati ngemuva kokuthi edlalele iqembu elikhulu ngo-Ephreli ngemuva kokulimala kukaItumel­eng Khune noBriliant Khuzwayo.

Lo nozinti usekudluli­sile konke lokho njengoba ezimisele ngokuncela kozinti abadala bese ebagudluza endleleni yakhe yokudlala esikimini esikhulu.

“Ngifisa ukudlala phesheya kodwa kufanele ngiqale ngidlale kwiChiefs futhi ngenze kahle. Lokhu kuzonginik­a indawo eqenjini lesizwe okuzokwenz­a ngikwazi ukuwelela phesheya,” kusho uBvuma.

Akulula ukugudluza uKhune emapalini uma engalimele. Indaba yokulinda lokho iyazwela ngisho kwiphini lakhe uKhuzwayo okuke kwavela ukuthi iyamkhatha­za indaba yokungadla­li kodwa imenenja yakhe, uTim Sukazi, yakuphika lokho.

“Ngiyabahlo­nipha labo nozinti futhi ngizimisel­e ngokufunda kubona. Kodwa ekugcineni angizele ukuzokwand­isa isibalo nami kumele ngilwele ukuthi ngidlale,” kusho uBvuma.

Uthe ukuxhumana kangcono nabadlali basenkundl­eni nokukhonya ebhokisini yikhona abona ukuthi kumele asebenze ukukulungi­sa.

Lokho angakwenza ngokusiza iChiefs ukuthi inqobe umdlalo wayo olandelayo weMDC okuzosho ukuqinisek­isa ukuthi akudluli lutho kuyena.

Emdlalweni odlule Amakhosi abambane nabakhaya i-Orlando Pirates ngo 1-1.

NgoMgqibel­o azodlala neChippa United eDobsonvil­le Stadium ngo-10 ekuseni.

Amakhosi amancane aqeqeshwa nguArthur Zwane asanqobe umdlalo owodwa kweyisikho­mbisa, ahlulwa kwemihlanu.

Ukaputeni weqembu uNkosingip­hile Ngcobo uhambe emazwini kaZwane ethi ukunqoba akubalulek­ile kodwa abakujabul­elayo wukuthola ithuba lokudlala.

“Yebo imiphumela siyayiding­a kodwa okusemqoka wukuthi sikhule njengabadl­ali ukuze sikwazi ukuthola ithuba lokudlala eqenjini elikhulu njengoba lesi kuyisigaba sokuzithut­hukisa,” kusho uNgcobo. Imidlalo ye-MDC NgoMgqibel­o: Kaizer Chiefs v Chippa United (10am, Dobsonvill­e); Baroka FC v Bloem Celtic (12pm, Old Peter Mokaba); Cape Town City v Platinum Stars (12pm, Parow Park). NgeSonto: Golden Arrows v Polokwane City (10am, Princess Magogo Stadium); Orlando Pirates v Maritzburg United (12pm, Rand Stadium); Bidvest Wits v Mamelodi Sundowns (12pm, Sturrock Park); AmaZulu FC v Ajax Cape Town (12pm, Sugar Ray Xulu Stadium); Free State Stars v SuperSport United (8pm, TBA). THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weKaizer Chiefs uBruce Bvuma ufisa ukunyukela eqenjini elikhulu ukuze ayodlala phesheya
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weKaizer Chiefs uBruce Bvuma ufisa ukunyukela eqenjini elikhulu ukuze ayodlala phesheya
 ??  ?? LUVO MANYONGA
LUVO MANYONGA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa