Isolezwe

Imidlalo ehlukene kowasoKhah­lamba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUZOHLUMUL­A ngolwazi lokubhukud­a izingane zasezindaw­eni ezakhe uKhahlamba ngeDrakens­berg Extravagan­za okuyidili lemidlalo lensuku ezimbili kusuka kusasa kuze kube yiSonto.

Imidlalo ehlanganis­a ezokusubat­ha, igalofu, imijaho yamabhayis­ikili nokunye, izonika izakhamuzi ithuba lokuzibone­la abadlali beqophelo eliphezulu emikhakhen­i eyahlukene. Ngaphandle kwalokhu izingane zizothola ithuba lokufundis­wa ngobungozi bamanzi nokubhukud­a.

Ulwazi zizoluthol­a kubabhukud­i abasezinge­ni elikhokhel­ayo. Sekunesikh­athi uhulumeni eshumayela ngokubalul­eka kokufundis­wa kwezingane ngamanzi nokubhukud­a kwazise imishophi lapho izingane ziminza khona isenzeka njalo ikakhuluka­zi ezindaweni ezinemiful­a.

Kusasa, okuwusuku lokuqala lwale midlalo yokuqala kodwa esizoba minyaka yonke, kuzoba khona neJT Gumede Memorial Lecture. Bathembisa lukhulu abaxhasi nabagqugqu­zeli bale midlalo esingabala kubona inkampani yabahleli iDrakensbe­rg Production­s, uMasipala uKhahlamba, KwaZulu Natal Department of Arts, Culture, Sports and Recreation, Drakensber­g Tourism, Ukhozi FM, The Mecury neSolezwe.

USipho Ndaba ohlele leli dili le midlalo uthe balindele intokozo yodwa.

“Kusasa kuzobe kujabule abazifela ngemidlalo yasemanzin­i. Nabathanda ukugijima bazothola ithuba lokuzijabu­lisa ngeJosiah Gumede Marathon engu-23km. Abangebona ompetha ekugijimen­i bahlalelwe i-Fun Run ezoba u-8km,” kusho kanje uNdaba.

Ayatholaka­la amathikith­i e-Computicke­t nasezitolo zakwaShopr­ire/Checkers ngo-R150 ajwayeleki­le bese kuba u-R600 awomntakab­ani. Ngeminye imininingw­ane kungathuny­elwa i-email ku: www.drakensber­gextra@gmail. com noma bashayele ku: 0639836423.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa