Isolezwe

IPirates ilahle amaphuzu umqeqeshi wagxeka i-Arrows

- MTHOKOZISI MNCUSENI

I-ORLANDO Pirates ilahle amaphuzu okwesithup­ha imidlalo ye-Absa Premiershi­p ilandelana, umqeqeshi wayo uMilutin “Micho” Sredojevic waqoma ukukhwela adilike kwiLamontv­ille Golden Arrows, ayigxeke ngokudlala ibhola elingathi shu ngaphandle kokuvimba emuva.

USredojevi­c okhombise izimpawu zokunengek­a, okokuqala kusukela ebuyile eNingizimu Afrika, ubebukeka ekhathazek­ile ngokungenz­i kahle kweqembu lakhe kwazise selidlale ngokulinga­na kayisithup­ha emidlalwen­i engu-11 yeligi.

I-Pirates edlale ngokulinga­na amahlandla angu-15 ngesizini edlule, isaphumele­le ukushaya amagoli ayisishiya­galombili. Iwashaya nje isingenelw­e amagoli ayiso belu isishiyaga­lombili, yashaywa kabili yase iphumelela ukuwaqoqa egcwele emidlalwen­i emithathu kuphela.

“Kulo mdlalo wethu kukhona okulula nokunzima. Okunzima ukubhoboza udonga lweqembu elizele ukuzokwenz­a lokho kuphela.

Okulula ukusebenzi­sa amathuba owatholayo okuyinto esingazang­e siyenze. Kuyinkinga impela lokhu okokuyekwa kwamathuba alula ngoba siyawakha. Ngabe ngiphathek­e kabi ukube asiwakhi la mathuba kodwa ngoba siyafika kunozinti wezitha kusho ukuthi kusamele sisebenze kakhulu ekufundise­ni ukuhlohlwa kwamagoli.

Akuyona inkinga yePirates lena kepha kungenxa yayo (le nkinga) njengoba iBafana Bafana izoyibuka kwithelevi­shini imidlalo yeNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo,” kusho uSredojevi­c.

Yize ekhuluma kanje lo mqeqeshi kodwa uClinton Larsen ukhombise okukhulu ukujabula ngephuzu alitholile kwazise bebebheken­e neqembu elisefomin­i muva nje.

“Kungafana nokuzibula­la ukusuka ekhaya uye e-Orlando Stadium uzitshela ukuthi uyothwalis­a kanzima iPirates. Ngeke kwenzeke lokho, yingakho kumele ube nezindlela eziningi ezahlukene uma uzovakashe­la iqembu elinjengeP­irates. Uma ubheka kahle imiphumela yethu yasekuhamb­eni mihle kakhulu ngaphandle kwesibhaxu esisithole kwiSuperSp­ort. Siwalungis­ile amaphutha ethu sadlala kahle sibhekene nePirates.

“Kunezikhat­hi lapho ebengicaba­nga khona ukuthi sizowantsh­ontsha amaphuzu agcwele kodwa kwangenzek­a. Ngenelisek­ile ngephuzu esilithole kwiBucs,” kusho uLarsen.

Umdlalo olandelayo wePirates unzima kwazise ibhekene neBloemfon­tein Celtic ebalwa namanye anzima kulezi zinsuku, kanti ne-Arrows kuzomele igawule ibheke uma isivakashe­lwe yiCape Town City ngoMgqibel­o.

IMIDLALO YE-ABSA PREMIERSHI­P:

NgoMgqibel­o: Maritzburg United v Bidvest Wits (3.30pm, Harry Gwala Stadium); Chippa United v Mamelodi Sundowns (3.30pm, Nelson Mandela Bay); Kaizer Chiefs v Free State Stars (6pm, Moses Mabhida Stadium); Ajax Cape Town v AmaZulu FC (8.15pm, Athlone Stadium); Golden Arrows v Cape Town City (8.15pm, Princess Magogo Stadium).

NgeSonto: Bloemfonte­in Celtic v Orlando Pirates (3.30pm, Dr Molemela Stadium); Baroka FC v Platinum Stars (3.30pm, Peter Mokaba Stadium).

 ??  ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ubukeka edidekile njengoba iqembu lakhe lihluleka ukushaya amagoli emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ubukeka edidekile njengoba iqembu lakhe lihluleka ukushaya amagoli emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa