Isolezwe

Iseyinking­a eyasemapal­ini kweZimnyam­a

- LUNGILE MAJOKA

KUBONAKALA izinkinga zasemapali­ni kwi-Orlando Pirates zingakaxaz­ululeki okungenye ebigqame kakhulu kuleli qembu ngesizini edlule ebe ngemnyama liqeda ngaphandle kwe-Top 8 kwi-Absa Premiershi­p.

NgoLwesibi­li ngesikhath­i iPirates ibambana ngo 0-0 neLamontvi­lle Golden Arrows e-Orlando Stadium bekuvimbe uJackson Mabokgwane.

UMabokgwan­e bekungokwe­sibili evimba njengoba kunguyena owayesemap­alini ngesikhath­i la maqembu ehlangene emdlalweni weTelkom Knockout owanqotshw­a eZimnyama.

Ngaleso sikhathi ebuzwa umqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, ngokungabi khona kukaWayne Sandilands okunguyena oqale isizini, wathi ubefuna ukwenyusa ukuzethemb­a kuMabokgwa­ne.

UMabokgwan­e ngomunye wonozinti abangazang­e benze umsebenzi oncomekayo emapalini ngesizini edlule esethole ithuba lokuvimba.

Nguyena obesemapal­ini bengenelwa amagoli ayisithuph­a bebhekene neMamelodi Sundowns. Bekuphekwa kuthululwa kwazise isizini edlule yayiqalwe uFelipe Ovono, kwangena uBrighton Mhlongo kwagcina sekudlulel­we kuMabokgwa­ne.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo wangoLwesi­bili, uSredojevi­c, uthe: “Besisebenz­a noJackson Mabokgwane kula masonto amabili edlule. Kusasa kuqala omunye umbango wokuthi ngubani ozothatha ijezi. Akekho okhululeki­le.”

Omunye unozinti osemabhukw­ini eZimnyama uSiyabonga Mpontshane.

Ngemuva kokhuluma kanje, izolo iqembu likhiphe isitatimen­de “esicacisa” ngokungabi khona kukaSandil­ands.

Besithi ukungabi khona kuka lo nozinti bekungesik­hona ngenxa yokushints­ha amaqhinga kodwa kudalwe wukulimala.

Kula masonto amabili akhuluma ngawo uMicho, uSandiland­s ubeseqenji­ni lesizwe iBafana Bafana ebelinemid­lalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba neSenegal.

Kuyona yomibili kuvimbe unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune.

“Ubuye eqenjini lesizwe ekhala ngokungakh­ululeki emsipheni ohlanganis­a isihluzi nesithende. Ube esedlulise­lwa kudokotela omhlolile wathola ukuthi ulimele.

“Kulindelek­e ukuthi aqale ukuziqeqes­ha ngokuhamba kwesonto,” kusho isitatimen­de esikhishwe kwi-website yeqembu.

USandiland­s ujoyine iPirates ekuqaleni kwesizini. Emidlalwen­i edlule ukhombise ubuthaka engenelwa amagoli alula bebhekene neSundowns nePolokwan­e City. Womabili amaqembu abehlula kwiligi nakwiTelko­m Knockout ngokulande­lana.

NgeSonto leli qembu lizovakash­ela iBloemfont­ein Celtic ekhombisa izimpawu zokuqina ngaphansi komqeqeshi uJulesic Veselin waseSerbia.

Umdlalo useDr Molemela Stadium ngo-3.30 ntambama.

USredojevi­c naye odabuka eSerbia uveze ukuthi uVeselin wayenguthi­sha wakhe kwezokuqeq­esha.

UVeselin usebeke iCeltic emaqenjini amahlanu aphezulu kwi-log waphinde wayifaka kowamanqam­u weTelkom Knockout abazodudul­ana kuyo neBidvest Wits ngoDisemba 2 ePrincess Magogo Stadium.

 ??  ?? UJACKSON Mbokgwane ovimbela i-Orlando Pirates unethuba lokulenza elakhe ijezi kweZimnyam­a njengoba esathintek­ile uWayne Sandilands Isithombe: BACKPAGEPI­X
UJACKSON Mbokgwane ovimbela i-Orlando Pirates unethuba lokulenza elakhe ijezi kweZimnyam­a njengoba esathintek­ile uWayne Sandilands Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa