Isolezwe

Ingcindezi yokuqoka abashwibi kumaProtea­s

- MINENHLE MKHIZE

INHLOKO yethimba labaqoki kumaProtea­s, uLinda Zondi, ivuma ingcindezi ababhekene nayo yokuqoka abashwibi abazogadla ngabo uma sebebheken­e neZimbabwe emdlalweni weTest ngoDisemba 26 e-East London.

Abashwibi bamaProtea­s abebelimel­e sebeluleme futhi beza kahle emaqenjini abo kwiRam Slam T20 Challenge. Phakathi kwabashwib­i asebelulem­e kukhona uLungi Ngidi, Dale Steyn bamaTitans, Vernon Philander kanti sebeqalile ukujima oMorne Morkel noChris Morris.

Lokhu kusho ukuthi amaProteas azoshaya ngoNgidi, Steyn, Philander, Morkel, Morris, Kagiso Rabada, Wayne Parnell noDauine Olivier.

“Yinkinga emnandi lena esizobheka­na nayo. Kona kuzoba nzima ukuqoka iqembu labadlali abangu-15. Nokho kungcono ukuba nenkinga yokuba nabadlali abaningi abaphilayo kunokubhek­ana nenkinga yokulinyal­elwa yinqwaba yabadlali,” kusho uZondi.

Phezu kokubuya kwalaba bashwibi abazange babonakale elakuleli libhekene neBanglade­sh emidlalwen­i emibili yama-Test. Kuzobuya nensika u-AB de Villiers obhethayo.

“Ngiyazi ukuthi abantu bathi sizoziwine­la kalula kwiZimbabw­e. Siyazi ngeke kube lula kodwa nathi sifuna ukuwina ngendlela ecacile. Uma sinqobe ngewikheth­i eyodwa noma nge-run eyodwa siyodumala. Iqembu lethu ngeke silishints­he. Okumnandi wukuthi abadlali abasebanca­ne nabanamava benza kahle. Abadlali abamnyama abanikwa ithuba nabo bashaya into ecokeme. Bayakhombi­sa ukuthi basuke bengaqokiw­e ngephutha noma ngebala labo kwelesizwe,” kusho uZondi.

Uma elakuleli selibheken­e neZimbabwe kubhekwe ukuthi liphathe u-Aiden Markram, Dean Elgar, Hashim Amla, Faf du Plessis, Temba Bavuma, AB de Villiers, Quinton de Kock, Philander, Rabada, Morkel, Maharaj.

 ??  ?? LUNGI NGIDI
LUNGI NGIDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa