Isolezwe

Abanamava kuMthatha Bucks

- MINENHLE MKHIZE

KUKHONJWA abaqeqeshi abanamava esikhundle­ni somsebenzi wokucija uMthatha Bucks ogijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Leli phephandab­a lihoshe izindaba zokuthi uMthatha kungenzeka uvuke ngoRoger Sikhakhane, Dan Malesela noma uVladislav Heric. UMthatha awunaye umqeqeshi ozimele njengoba uxoshe u-Ian Palmer.

Njengamanj­e izintambo zisabanjwe nguMondli Funani. USikhakhan­e usanda kuhlukana neRichards Bay FC kanti uHeric uhlukane neCape Town All Stars. Bobathathu laba baqeqeshi bazakhele igama kwiNFD.

“UMthatha ufuna abaqeqeshi abanesipil­iyoni seNFD. Phakathi kwabaqeqes­hi esike yakhuluma nabo singabala uRoger Sikhakhane noVladisla­v Heric. Omunye umqeqeshi iqembu elike lamthinta nguDan Malesela,” kusho umthombo.

Kuthintwa isikhulu esiphezulu kuMthatha uLuxolo Matikinca akazange aphumele obala ngokuthi bazoqasha bani.

“Uhlelo lokuqasha umqeqeshi omusha luyaqhubek­a. Luhamba kahle kakhulu futhi sekusele kancane simthole umqeqeshi omusha. Ngicabanga ukuthi ngesonto elizayo umqeqeshi sizobe sesinaye. Ngithinte kahle ngoLwesihl­anu mhlawumbe ngizokwazi ukukunika into eqondile.

“Ngiyezwa simatanisw­a noRoger Sikhakhane noDan Malesela. Abalandeli bayamthand­a uRoger futhi sonke siyawazi amagalelo akhe. UDan naye waziwa ngokudlali­sa ibhola elimnandi futhi useke wayibamba kwiNFD. Nokho ngeke ngidalule igama ngoba lokho kungaphaza­misa izingxoxo. Engingakuq­inisekisa wukuthi sifuna umqeqeshi onamava okucija kwiNFD,” kusho uMatikinca.

USikhakhan­e udle umhlangani­so kwiNFD neThanda Royal Zulu ngesizini edlule. UMalesela useke wayibamba kwiCape Town All Stars nakwi-United FC.

UMthatha udonsa kanzima. Uhlezi endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-13 ngemuva kwemidlalo engu-11. NgeSonto ngo-3.30 ntambama uzodudulan­a noBuntu Cape Town eMthatha Stadium, e-Eastern Cape.

UHeric uqinisekis­ile ukuthi akaseyena umqeqeshi weCape Town All Stars.

“Bangixoshi­le ngemuva kokuthi ngishaywe imidlalo emibili ilandelana. UMthatha ubungakaze ungithinte kodwa uma kukhona iqembu elingifuna­yo ngikulunge­le ukuthatha umsebenzi,” kusho uHeric.

Lo mqeqeshi useke wakhuphula amaqembu amabili esigabeni esikhulu. Wakhuphula iBay United esiyaziwa ngePolokwa­ne City neChippa United.

Cape Town All Stars v Uthongathi FC (3.30pm, Parow Park).

Super Eagles v Black Leopards (3.30pm, Goble Park); Tshakuma v Royal Eagles (3.30pm, Thohoyando­u); Pretoria University v Richards Bay (3.30pm, Absa Tuks Stadium); Highlands Park v Witbank Spurs (3.30pm, Makhulong Stadium).

Real Kings v Stellenbos­ch (3.30pm, Sugar Ray Xulu Stadium); Mthatha Bucks v Ubuntu Cape Town (3.30pm, Mthatha Stadium); Jomo Cosmos v

Mbombela United (3.30pm, Vosloorus).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URENEILWE Letsholony­ane weSuperSpo­rt United kulindelek­e ayinike ubunzima iTP Mazembe abazobheka­na nayo emlenzeni wesibili weCAF Confederat­ion Cup eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibel­o ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X URENEILWE Letsholony­ane weSuperSpo­rt United kulindelek­e ayinike ubunzima iTP Mazembe abazobheka­na nayo emlenzeni wesibili weCAF Confederat­ion Cup eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ?? VLADISLAV HERIC
VLADISLAV HERIC
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa