IPirates ilahle amaphuzu umqeqeshi wagxeka i-Arrows
I-ORLANDO Pirates ilahle amaphuzu okwesithupha imidlalo ye-Absa Premiership ilandelana, umqeqeshi wayo uMilutin “Micho” Sredojevic waqoma ukukhwela adilike kwiLamontville Golden Arrows, ayigxeke ngokudlala ibhola elingathi shu ngaphandle kokuvimba emuva.
USredojevic okhombise izimpawu zokunengeka, okokuqala kusukela ebuyile eNingizimu Afrika, ubebukeka ekhathazekile ngokungenzi kahle kweqembu lakhe kwazise selidlale ngokulingana kayisithupha emidlalweni engu-11 yeligi.
I-Pirates edlale ngokulingana amahlandla angu-15 ngesizini edlule, isaphumelele ukushaya amagoli ayisishiyagalombili. Iwashaya nje isingenelwe amagoli ayiso belu isishiyagalombili, yashaywa kabili yase iphumelela ukuwaqoqa egcwele emidlalweni emithathu kuphela.
“Kulo mdlalo wethu kukhona okulula nokunzima. Okunzima ukubhoboza udonga lweqembu elizele ukuzokwenza lokho kuphela.
Okulula ukusebenzisa amathuba owatholayo okuyinto esingazange siyenze. Kuyinkinga impela lokhu okokuyekwa kwamathuba alula ngoba siyawakha. Ngabe ngiphatheke kabi ukube asiwakhi la mathuba kodwa ngoba siyafika kunozinti wezitha kusho ukuthi kusamele sisebenze kakhulu ekufundiseni ukuhlohlwa kwamagoli.
Akuyona inkinga yePirates lena kepha kungenxa yayo (le nkinga) njengoba iBafana Bafana izoyibuka kwithelevishini imidlalo yeNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo,” kusho uSredojevic.
Yize ekhuluma kanje lo mqeqeshi kodwa uClinton Larsen ukhombise okukhulu ukujabula ngephuzu alitholile kwazise bebebhekene neqembu elisefomini muva nje.
“Kungafana nokuzibulala ukusuka ekhaya uye e-Orlando Stadium uzitshela ukuthi uyothwalisa kanzima iPirates. Ngeke kwenzeke lokho, yingakho kumele ube nezindlela eziningi ezahlukene uma uzovakashela iqembu elinjengePirates. Uma ubheka kahle imiphumela yethu yasekuhambeni mihle kakhulu ngaphandle kwesibhaxu esisithole kwiSuperSport. Siwalungisile amaphutha ethu sadlala kahle sibhekene nePirates.
“Kunezikhathi lapho ebengicabanga khona ukuthi sizowantshontsha amaphuzu agcwele kodwa kwangenzeka. Ngenelisekile ngephuzu esilithole kwiBucs,” kusho uLarsen.
Umdlalo olandelayo wePirates unzima kwazise ibhekene neBloemfontein Celtic ebalwa namanye anzima kulezi zinsuku, kanti ne-Arrows kuzomele igawule ibheke uma isivakashelwe yiCape Town City ngoMgqibelo.
IMIDLALO YE-ABSA PREMIERSHIP:
NgoMgqibelo: Maritzburg United v Bidvest Wits (3.30pm, Harry Gwala Stadium); Chippa United v Mamelodi Sundowns (3.30pm, Nelson Mandela Bay); Kaizer Chiefs v Free State Stars (6pm, Moses Mabhida Stadium); Ajax Cape Town v AmaZulu FC (8.15pm, Athlone Stadium); Golden Arrows v Cape Town City (8.15pm, Princess Magogo Stadium).
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Orlando Pirates (3.30pm, Dr Molemela Stadium); Baroka FC v Platinum Stars (3.30pm, Peter Mokaba Stadium).