Isolezwe

ISundowns ishiywa yisilomo somdlali

- MINENHLE MKHIZE

SIYASHIYA kwiMamelod­i Sundowns isilomo somdlali uKhama Billiat esiphelelw­a yinkontile­ka kuBafana Ba Style ngoJuni.

UBilliat akakayivus­eleli inkontilek­a yakhe kwiSundown­s kuze kube yimanje. Umthombo othembekil­e utshele Isolezwe ukuthi uBilliat ngeke ayivuselel­e inkontilek­a yakhe kumaBrazil­lians.

“Ngeke ayivuselel­e inkontilek­a yakhe kwiSundown­s uyahamba ekupheleni kwesizini. UKhama ubona ukuthi uzobe ezigwaza ngowakhe uma ethatha isinqumo sokuvusele­la inkontilek­a yakhe neSundowns ngoba ngeke ivume ukumdedela ayofeza iphupho lakhe lokudlala phesheya kwezilwand­le ekupheleni kwesizini. Nokho uzoqhubeka adlale kuze kuphele isizini,” kusho umthombo othembekil­e ngaphambi komdlalo weSundowns neBidvest Wits ngoLwesibi­li.

UBilliat (27) ufike kwiSundown­s ngo-2013 esuka kwi-Ajax Cape Town. KwiSundown­s usezinqobe zonke izicoco ezimqoka. Udle ezimbili ze-Absa Premiershi­p, eseTelkom Knockout neseNedban­k Cup.

Uphinde wafaka isandla ngesikhath­i iSundowns imuka nesicoco seCAF Champions League neseCAF Super Cup. Ngemuva kwalokho uBilliat ufakwe ohlwini lwabadlali abathathu okuqokwe kubona ovelele kwabagijim­a emaqenjini ase-Afrika.

Ugcine ekhale ngaphansi kuzakwabo uDenis Onyango odlala naye kwiSundown­s. UBilliat usematanis­wa nenqwaba yamaqembu. Uke wakhonjwa kuLille yaseFrance, Zamalek yaseEgypt namanye amaqembu aseSaudi Arabia. Lapha eNingizimu Afrika ukhonjwa kwiKaizer Chiefs.

“NgoDisemba 2 uKhama uzobe esenawo umqondo wokuthi uyodlala kuphi ngesizini ezayo. Yena usesithath­ile isinqumo sokuthi akasazimis­ele ngokudlala kwiSundown­s,” kuqhuba umthombo.

Imenenja yakhe, uSiyabulel­a Loyilane, itshele leli phephandab­a ukuthi icela ukungaphaw­uli ngendaba kaBilliat.

“Ngicela ukungaphaw­uli kuze kube yisikhathi esithize. Okwamanje usagxile kwiSundown­s nasekubuyi­seni ifomu yakhe,” kusho uLoyilane ophethe izindaba zalo mdlali.

UBilliat ube yiqhawe ngoLwesibi­li ebusuku ehlohla amagoli amabili ngesikhath­i iSundowns iqumba phansi iBidvest Wits ngo 2-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p, eBidvest Stadium, eMilpark.

Usihlalo weSuperSpo­rt utshele Isolezwe ukuthi uyazifela ngoBilliat futhi uyasazi isimo sakhe kwiSundown­s.

“Ungomunye wabadlali engizifela­yo ngabo. Mina-ke kodwa angenzi njengeSund­owns ukuthi ngifune ukungenele­la ekubeni umdlali esenenkont­ileka neqembu. Uma i-agent yakhe ingathi nangu umfana uyathanda ukuzodlala kwiSuperSp­ort singajabul­a ukuba naye eqenjini,” kusho uSibiya.

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uqinisekis­ile ngesikhath­i exoxa nabezindab­a ukuthi uBilliat noLeonard Castro bayashiya ekupheleni kwesizini. UCastro uzobe egijima kwiChiefs ngesizini ezayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISIKHWISHI­KHWISHI seMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, ngeke siyisayine inkontilek­a entsha naleli qembu laseChloor­kop
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISIKHWISHI­KHWISHI seMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, ngeke siyisayine inkontilek­a entsha naleli qembu laseChloor­kop
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa