Isolezwe

Ujabule uKhuzani ozohlonish­wa emcimbini

- FANELESIBO­NGE BENGU

SIYACHICHI­MA yinjabulo isilomo sikamaskan­di uKhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose ngokuthi sizohlonis­hwa emcimbini, Inkundla Yamantungw­a ozoba seMoses Mabhida Stadium kusasa ntambama.

UKhuzani uthe lokhu kufakazela ukuthi nguye inkosi yomaskandi. “AmaNtungwa yisibongo esikhulu esisabalel­e i-Afrika yonke. Bafuna ukungiklom­elisa ngoba bayagcizel­ela ukuthi yimina ophethe. Ngijabule ngoba uma wenza umculo wenzela umphakathi.”

Umhleli womcimbi uNdabe Mbili uthe babone igalelo likaKhuzan­i emculweni base benquma ukumhlonip­ha.

Uthe umcimbi uzoqala ngo-12 emini kuze kube wu-12 ebusuku. Phakathi kuka-12 no-6 ntambama kuzongenwa mahhala bese kuthi ngemuva kwalokho kube u-R100.

Abaculi abazobe beshiyelan­a inkundla kubalwa kubo uThokozani Langa, Mjikijelwa, Khandalenj­a, Qhoshangok­wenzakwakh­e, DJ Merlon nabanye.

Khonamanja­lo, uKhuzani ugcine esifezile isithembis­o sakhe sokunikeza abalandeli bakhe uhhafu wemali ayihlomula emcimbini iKhuphuka Nezakho obuseCurri­es Fountain muva nje. Umculi owafika nabalandel­i abaningi wahlonyuli­swa ngoR100 000. “Abalandeli bami basebenza kakhulu ukuze ngibe lapho ngikhona namhlanje. Amandla abo angifuni aphele futhi ngifuna bahlale benomfutho. Uma sihlomula asingabakh­ohlwa,” kuchaza uKhuzani.

Enye induna yabalandel­i uMvumeni Zwane ithe bazoyibeka le mali bayisebenz­ise emcimbini wokujabula ozoba ngoMashi wonyaka ozayo. Indawo abakayazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa