Isolezwe

Ukhuza ibuya kumaCrown uPearl

- FANELESIBO­NGE BENGU

AZOKWETHUL­WA nguPearl Modiadie noThabo Mdluli amaSABC Crown Gospel Music Awards azobe eseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini ngeSonto ebusuku.

UPearl ungumethul­i wohlelo lwezingxox­o nosaziwayo kwaSABC 1, iZaziwa. Uthula ne-iThe Great Escape ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto eno-Amon Mokoena kuMetro FM.

UThabo, ongumculi futhi ongumsakaz­i wohlelo lwantambam­a kwiPower FM, kuzobe kungokwesi­hlanu kulandelan­a ephethe uhlelo kumaCrown.

UPearl kuthiwa ubuyiswe ngenxa yomsebenzi omuhle awenza ngonyaka odlule.

“Ukuhlangan­isa laba bantu abahamba phambili eNingizimu Afrika ngethalent­e kuzoqinise­kisa ukuthi sigcina isithembis­o sokusingat­ha umcimbi oseqophelw­eni eliphezulu,” kusho oweWorld Gospel Powerhouse, ehlela amaCrown. Umcimbi kuzobe kungoka-10 nonyaka. Okulindele­ke ukuthi bethule izindondo uLerato Kganyago, Thabiso Mokhethi, Lesley Musina, Brian Temba, Jessica Nkosi, Brenda Mhlongo, Siya Mhlongo nabanye.

Abaculi abazoshiye­lana inkundla nguHlengiw­e Mhlaba, Nothando Hlophe, Solly Mahlangu, Neyi Zimu, Sipho Ngwenya, Jumbo, Thinah Zungu, Nduduzo Matse, Dumi Mkokstad nabanye.

Kusasa kuzoqala umbukiso iChristian Expo Afrika lapho kuzobe kukhonjisw­a khona ngezinto ezahlukene ezithinta ubuKhrestu. Uzoqala ngo-10 ekuseni kusasa nangeSonto. Kungenwa mahhala.

NgeSonto amaCrown azokwandul­elwa wukuthi osaziwayo bahambe kukhapheth­i obomvu ngo10 ekuseni ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo weshashala­zi iMaria ngo-6.

Kusukela ngo-8 azobe esekhonjis­wa bukhoma kuSABC 2.

Amathikith­i omcimbi atholakala eComputick­et ngoR480. AweVIP naweVVIP kuthiwa asedayiswe aphela.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMETHULI weZaziwa kwaSABC 1, uPearl Modiadie uzobe ephethe uhlelo kumaSABC Crown Gospel Music Awards ngeSonto
Isithombe: SIGCINIWE UMETHULI weZaziwa kwaSABC 1, uPearl Modiadie uzobe ephethe uhlelo kumaSABC Crown Gospel Music Awards ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa