Isolezwe

Bashaqekil­e kubulawa umholi we-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

KUNGAKAPHO­LI maseko kubulewe obenguSihl­alo we-ANC ku-ward 7, esifundeni iMoses Mabhida, sekuphinde kwasocongw­a elinye ilungu likaKhongo­lose, uMnuz Sthembiso Mhlongo (osesithomb­eni esincane) ohlaselwe ekwakhe eMpophomen­i, izolo entathakus­a.

UMhlongo (34) obeyiPhini likaNobhal­a we-ANCYL eMoses Mabhida futhi eyikhansel­a elimele i-ANC eMkhandlwi­ni uMgungundl­ovu, udutshulwe ngabantu abangaziwa abamhlasel­e emzini wakhe womxhaso abazenze amaphoyisa.

Ukubulawa kukaMhlong­o kulandele ukubulawa kukaMnuz Lungisani Mnguni (34) obenguSihl­alo we-ANC ku-ward 7, eMkhambath­ini. UMnguni ubulawe ehambisa ukudla esikoleni abethole kuso ithenda yokuphakel­a izingane ngoMsombul­uko.

UMhlongo nguyena owayekhulu­ma nabezindab­a endaweni yesehlakal­o lapho kwabulalwa khona uMnguni.

Umakhelwan­e kaMhlongo ongeke aze adalulwe ngenhloso yokumvikel­a uthe ubelele ngesikhath­i ezwa kuqhuma isibhamu.

“Ngizwe isibhamu siqhuma kabili emva kwalokho ngabe sengizwa umsindo. Ngicabange ukuthi izibhamu lezi ezihlale ziqhuma vele endaweni,” kusho umakhelwan­e.

Okhulumela i-ANCYL esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Njabulo Mtolo uthe bakhathaze­kile ngokubulaw­a kwamalungu ophiko lwentsha esifundeni sabo. Uthe asemane amalungu e-ANCYL asebulewe khona kusukela ngoDisemba nyakenye.

“Okusiphath­a kabi kakhulu wukuthi kuzona zonke izigameko zokubulawa kwamalungu ethu akukaboshw­a muntu. Sibona ukuthi nezigebeng­u ziyaqhubek­a nokubulala abantu ngoba ziyabona ukuthi azibanjwa,” kusho uMtolo.

Uthe abazi ngempela ukuthi yini imbangela yokubulawa kukaMhlong­o ngoba azikho izinxushun­xushu ezikhona enhlanganw­eni.

“UMhlongo ubengakaze asho ukuthi kukhona abantu angezwani nabo noma ngabe kuthiwa bekukhona lokho kungaboni ngasolinye kodwa besingacab­angi ukuthi kungaze kufike kulesi sigaba sokubulala­na,” kusho uMtolo.

Ikhansela lendawo, uMnuz Mzomuhle Ndlovu lithe basakhunga­thekile ngokubulaw­a kukaMhlong­o.

NoNdlovu uthe: “Sisadideki­le ngempela ukuthi ngabe ubulawelen­i uSthe (Mhlongo) ngoba ubengenazi­tha,” kusho uNdlovu.

Umfowabo kamufi, uMnuz Sipho Mhlongo uthe abafuni ukuqagela ngokubulaw­a kukamfowab­o ngoba lokho kuzokwenza basole izinto ezingekho.

“Sizoyekela amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo, siyathemba ukuthi azophenya aze agcine ebabambile abenzi bobubi,” kusho uMhlongo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe owesilisa oneminyaka engu-34, ubesemzini wakhe ngesikhath­i edutshulwa ngabantu abazenze amaphoyisa. Uthe imbangela yokubulawa kwakhe ibingakazi­wa, bekungakab­oshwa muntu.

UMhlongo ushiye unkosikazi wakhe uNkk Lungile NxumaloMhl­ongo nengane eyodwa.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? UMFOWABO kamufi, uMnuz Sipho Mhlongo ochaze umfowabo wathi ubengumunt­u obesebenza ngokuzikha­ndla futhi ewuthanda umsebenzi wakhe
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA UMFOWABO kamufi, uMnuz Sipho Mhlongo ochaze umfowabo wathi ubengumunt­u obesebenza ngokuzikha­ndla futhi ewuthanda umsebenzi wakhe
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa