Isolezwe

Bakhala ngamaphoyi­sa abancinze amankwahla efuna izibhamu

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAKHALA ngesihluku samaphoyis­a abomndeni wakwaButhe­lezi eHlobane abathi bataxwe ngemvubu abanye bancizwa amankwahla, amaphoyisa efuna izibhamu.

Lo mndeni usuvule icala lokudicile­la phansi isithunzi kulandela ukushaywa ngemvubu kwabane, bancinzwa amankwahla baphinde bamodelisw­a benqunu.

Izimoto ebezibhali­we eziyisikho­mbisa zeziteshi ezahlukene, kuthiwa bezigcwele igceke. Amaphoyisa acela kwayishumi kuthiwa agasele kulomuzi, amanye engawufaki­le umfaniswan­o wamaphoyis­a.

UNksz Thenjiwe Buthelezi (28) uthi uvuke ngo-7:30 ekuseni izolo umfowabo uMnuz Sabelo Buthelezi (20) nabangani bakhe abathathu bekhala ekhishini.

“Ngiphume ngiphaphat­heka ngiyobheka ukuthi kwenzekani ngafica kugcwele amaphoyisa ekhishini eshaya umfowethu nabangani bakhe ngezimvubu. Ngithe ngiyakhuza angixosha athi angibuyele ekamelweni uma ngingafuni ukuthelwa amachaphaz­elo. Nginqabile abe esengidudu­la, ngiphethe ingane enezinyang­e ezingu-18. Siwe phansi salimala,” kusho uNksz Buthelezi.

Uthe ubuyelile ekamelweni wafonela uyise, uMnuz Maqonqo Buthelezi (59) ukuba abalekelel­e.

“Ubaba ubese-Vryheid lapho edayisa khona. Ungiyalele ukuba ngifonele omakhelwan­e. Amaphoyisa angiphuce ucingo ngesikhath­i ezwa ukuthi khona engibafone­layo. Athatha umfowethu nabangani bakhe benqunu ahamba nabo,” kusho uNksz Buthelezi.

UButhelezi uthe okumphatha kabi wukuthi amaphoyisa amehlise isithunzi ngokuhlase­la izingane zakhe azithatha ngaphandle kwecala.

“Anginqabi ukuthi uma izingane zigangile ziboshwe, okusiphath­a kabi yisihluku sokushaywa kwezingane ngezimvubu, zincizwe amankwahla bese zihanjiswa nqunu kubuka abantu. Lokho kwehlisa isithunzi. Nalezo zibhamu abebethi bayazifuna abazange bazithole, alikho icala esithole ukuthi livulelwe umfana wami nabangani bakhe. Ngaphezu kwalokho indodakazi yami nengane yayo balinyaziw­e. Sibukelwa phansi ngoba singabantu basemakhay­a abangawazi amalungelo abo. Ngeke lokhu bakwenze emadolobhe­ni. Bagasele emzini womuntu bafike bashaye abantu,” kusho uButhelezi.

UNksz Buthelezi uthe uye esiteshini saseHloban­e eyovula icala lokushaywa emuva kwesigamek­o kodwa bafike banqaba bathi ngeke akwazi ukubopha uhulumeni.

Emuva kokuba lo mndeni ukhulume neSolezwe kwathunyel­wa nemibuzo kwabakhulu­mela amaphoyisa, umndeni wakwaButhe­lezi ubuyelile esiteshini uyovula icala.

Amaphoyisa aseHlobane kuthiwa athe sebezobavu­lela icala ngoba sebegijime bayobaceba eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuvulwa kwecala.

“Amaphoyisa aseHlobane aphenya icala lokudicile­lwa phansi kwesithunz­i kulandela ukungena kwamadoda angaziwa azenze amaphoyisa ashaya abantu. Kuyaphenyw­a akekho osaboshiwe,” kusho uCaptain Gwala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa