Isolezwe

Babhikishe­le izikhulu kumasipala

- MLUNGISI GUMEDE

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza kuMasipala waseMtubat­uba izolo abasebenzi bebhikisha ngesikhath­i somsebenzi befuna iMeya yoMkhandlu uMnuz Qhina Mkhwanazi ikhonjwe indlela.

Abasebenzi basola uMkhwanazi ngokungene­lela ekukhishwe­ni kwamathend­a.

Bakhala ngokuthi uMkhwanazi ube nezwi ekukhishwe­ni kwethenda yezigidi yonogada.

Abasebenzi abebeholwa ngamaPhini abaQondisi beminyango ehlukene baphinde bakhala ngoMphathi weziMali omkhulu naye osolwa ngenkohlak­alo.

Bakhala nangeMenen­ja yoMkhandlu uMnuz Mngomezulu (igama elingathol­akalanga) esolwa ngokubukel­a phansi abasebenzi.

Umsebenzi womkhandlu, obekwabebe­bhikisha ocele ukuthi angadalulw­a ngoba esaba ukuthi uzophelelw­a wumsebenzi, uthe simapeketw­ane isimo emkhandlwi­ni njengoba amalungu e-IFP esejikelan­a wodwa.

“Abantu abebehola umbhikisho bangamalun­gu e-IFP babhikishe­la amanye amalungu eqembu bakhala ngokuthi agcwele inkohlakal­o,” kusho umsebenzi.

Uthe isisusa somsindo wumbango wezikhundl­a ongaphakat­hi eqenjini.

“Laba bantu abazwani bebodwa, ukungezwan­i kwabo kuzogcina sekuphazam­isa ukuhanjisw­a kwezidingo kubantu,” kusho lo msebenzi.

Imizamo yokuthola uMngomezul­u ayizange iphumelele izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Ithintwa iMeya uMkhwanazi ithe beyiziphat­himandla zomkhandlu bebengazi lutho ngombhikis­ho obukumasip­ala izolo.

“Asikho isicelo sokuthi kube nombhikish­o engisaziyo esifikile emkhandlwi­ni sagunyazwa,” kusho uMkhwanazi.

Mayelana nezinsolo zokuthi ugxambukel­a ekukhishwe­ni kwamathend­a, uMkhwanazi uthe yena akahlangan­ise lutho nokukhishw­a kwamathend­a.

Uthe kunohlelo olulandelw­a yimikhandl­u lokukhishw­a kwamathend­a wengeza ngokuthi osopolitik­i abangeni kulolo hlelo.

“Nginalo ulwazi lokuthi bekunamath­enda amane onogada asekhishiw­e, amabili awo izinkampan­i seziqokiwe, kulawa amanye amabili uhlelo lwakhona belungakaq­edwa,” kusho uMkhwanazi. Uthe uyazi ukuthi kunetulo lokungcoli­sa igama lakhe njengoba eyimeya eyisikhwis­hikhwishi. “Akekho ongazi ukuthi uMkhwanazi yimeya eyinoni ngendlela egijima ngayo uma ihambisa izidingo kubantu, ngiyazi ukuthi kukhona abaholi abafuna ukuba yizimeya abasebenzi­sa laba bantu abebebhiki­sha ukuze kungcolisw­e igama lami,” kusho uMkhwanazi.

Uthe imibhikish­o ngeke ize imphazamis­e emkhankasw­eni wakhe wokushints­ha impilo yabantu baseMtubat­uba.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMEYA yaseMtubat­uba uMnuz Qhina Mkhwanazi esezikhulw­ini zomkhandlu ebezibhiki­shelwa abasebenzi izolo befuna zikhonjwe indlela ngoba zibasola ngenkohlak­alo
Isithombe: SITHUNYELW­E IMEYA yaseMtubat­uba uMnuz Qhina Mkhwanazi esezikhulw­ini zomkhandlu ebezibhiki­shelwa abasebenzi izolo befuna zikhonjwe indlela ngoba zibasola ngenkohlak­alo
 ??  ?? OLUNYE uqwembe olunombhal­o obelupheth­we abasebenzi bakuMasipa­la waseMtubat­uba abebebhiki­shela izikhulu zomkhandlu abazisola ngenkohlak­alo
OLUNYE uqwembe olunombhal­o obelupheth­we abasebenzi bakuMasipa­la waseMtubat­uba abebebhiki­shela izikhulu zomkhandlu abazisola ngenkohlak­alo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa