Babhikishele izikhulu kumasipala
KUPHAZAMISEKE ukusebenza kuMasipala waseMtubatuba izolo abasebenzi bebhikisha ngesikhathi somsebenzi befuna iMeya yoMkhandlu uMnuz Qhina Mkhwanazi ikhonjwe indlela.
Abasebenzi basola uMkhwanazi ngokungenelela ekukhishweni kwamathenda.
Bakhala ngokuthi uMkhwanazi ube nezwi ekukhishweni kwethenda yezigidi yonogada.
Abasebenzi abebeholwa ngamaPhini abaQondisi beminyango ehlukene baphinde bakhala ngoMphathi weziMali omkhulu naye osolwa ngenkohlakalo.
Bakhala nangeMenenja yoMkhandlu uMnuz Mngomezulu (igama elingatholakalanga) esolwa ngokubukela phansi abasebenzi.
Umsebenzi womkhandlu, obekwabebebhikisha ocele ukuthi angadalulwa ngoba esaba ukuthi uzophelelwa wumsebenzi, uthe simapeketwane isimo emkhandlwini njengoba amalungu e-IFP esejikelana wodwa.
“Abantu abebehola umbhikisho bangamalungu e-IFP babhikishela amanye amalungu eqembu bakhala ngokuthi agcwele inkohlakalo,” kusho umsebenzi.
Uthe isisusa somsindo wumbango wezikhundla ongaphakathi eqenjini.
“Laba bantu abazwani bebodwa, ukungezwani kwabo kuzogcina sekuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo kubantu,” kusho lo msebenzi.
Imizamo yokuthola uMngomezulu ayizange iphumelele izolo ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Ithintwa iMeya uMkhwanazi ithe beyiziphathimandla zomkhandlu bebengazi lutho ngombhikisho obukumasipala izolo.
“Asikho isicelo sokuthi kube nombhikisho engisaziyo esifikile emkhandlwini sagunyazwa,” kusho uMkhwanazi.
Mayelana nezinsolo zokuthi ugxambukela ekukhishweni kwamathenda, uMkhwanazi uthe yena akahlanganise lutho nokukhishwa kwamathenda.
Uthe kunohlelo olulandelwa yimikhandlu lokukhishwa kwamathenda wengeza ngokuthi osopolitiki abangeni kulolo hlelo.
“Nginalo ulwazi lokuthi bekunamathenda amane onogada asekhishiwe, amabili awo izinkampani seziqokiwe, kulawa amanye amabili uhlelo lwakhona belungakaqedwa,” kusho uMkhwanazi. Uthe uyazi ukuthi kunetulo lokungcolisa igama lakhe njengoba eyimeya eyisikhwishikhwishi. “Akekho ongazi ukuthi uMkhwanazi yimeya eyinoni ngendlela egijima ngayo uma ihambisa izidingo kubantu, ngiyazi ukuthi kukhona abaholi abafuna ukuba yizimeya abasebenzisa laba bantu abebebhikisha ukuze kungcoliswe igama lami,” kusho uMkhwanazi.
Uthe imibhikisho ngeke ize imphazamise emkhankasweni wakhe wokushintsha impilo yabantu baseMtubatuba.