Isolezwe

Ugwetshwe udilikajel­e obedlwengu­la indodakazi

- INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE udilikajel­e ngoLwesith­athu ubaba oneminyaka engu-53 olahlwe yicala lokudlweng­ula indodakazi angayizali eneminyaka engu-15 kusukela ngo-2012 kwaze kwaba ngu-2015.

Ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda eVerulam kwathi unina wale ntombazane wagwetshwa iminyaka emihlanu kodwa yalengiswa. Kuvele ukuthi ngo2012, umgilwa wayehlala nonina noyise ongamzali ngesikhath­i emdlwengul­a ephindelel­a uma unina esemsebenz­ini. Lo mlisa kuthiwa wayethembi­sa umgilwa ukuthi uzombulala uma ebika ngalesi senzo sakhe.

Kuvele ukuthi lokhu kuhlukumez­a kwaqhubeka ngisho umgilwa esebikele unina ngakho. Unina kuthiwa wabuza umdlwengul­i ngalezi zindaba kodwa waba nodlame futhi waqhubeka nokudlweng­ula umgilwa emthengela nezipho ezibizayo. Kuvele ukuthi ngesikhath­i le ntombazane ivakashele emakhaya eXobho yabuzwa ngumalume wayo ukuthi yini ndaba kube yiyona yodwa kwezinye izingane enezingubo ezibizayo neselula ebizayo. Intombazan­e kuthiwa yabe isiyagonyu­luka yazisa umalume wayo ngokwenzek­a ekhaya, umalume wazisa unina kamgilwa okuthiwa waqhubeka nokuluziba lolu daba.

Umgilwa kuthiwa waze wasizwa ukuhamba ekhaya wabika lolu daba kuthisha wakhe, owalubika emaphoyise­ni ngoSepthem­ba 2015, umgilwa wayiswa endaweni ephephile.

Amaphoyisa abopha lo mlisa nomama kamgilwa. Umama kamgilwa waboshelwa ukuhluleka ukubika ngezigamek­o zokudlweng­ulwa kwendodaka­zi yakhe ngaphansi komthetho wezenzo zocansi nezingane ezincane. Laba baboshwa ngemuva kophenyo lwamaphoyi­sa ophiko lodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi lwasePhoen­ix. UKhomishan­a obambile KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uncome amaphoyisa ngokwenza umsebenzi omuhle oholele ekutheni

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa