Ugwetshwe udilikajele obedlwengula indodakazi
UGWETSHWE udilikajele ngoLwesithathu ubaba oneminyaka engu-53 olahlwe yicala lokudlwengula indodakazi angayizali eneminyaka engu-15 kusukela ngo-2012 kwaze kwaba ngu-2015.
Ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda eVerulam kwathi unina wale ntombazane wagwetshwa iminyaka emihlanu kodwa yalengiswa. Kuvele ukuthi ngo2012, umgilwa wayehlala nonina noyise ongamzali ngesikhathi emdlwengula ephindelela uma unina esemsebenzini. Lo mlisa kuthiwa wayethembisa umgilwa ukuthi uzombulala uma ebika ngalesi senzo sakhe.
Kuvele ukuthi lokhu kuhlukumeza kwaqhubeka ngisho umgilwa esebikele unina ngakho. Unina kuthiwa wabuza umdlwenguli ngalezi zindaba kodwa waba nodlame futhi waqhubeka nokudlwengula umgilwa emthengela nezipho ezibizayo. Kuvele ukuthi ngesikhathi le ntombazane ivakashele emakhaya eXobho yabuzwa ngumalume wayo ukuthi yini ndaba kube yiyona yodwa kwezinye izingane enezingubo ezibizayo neselula ebizayo. Intombazane kuthiwa yabe isiyagonyuluka yazisa umalume wayo ngokwenzeka ekhaya, umalume wazisa unina kamgilwa okuthiwa waqhubeka nokuluziba lolu daba.
Umgilwa kuthiwa waze wasizwa ukuhamba ekhaya wabika lolu daba kuthisha wakhe, owalubika emaphoyiseni ngoSepthemba 2015, umgilwa wayiswa endaweni ephephile.
Amaphoyisa abopha lo mlisa nomama kamgilwa. Umama kamgilwa waboshelwa ukuhluleka ukubika ngezigameko zokudlwengulwa kwendodakazi yakhe ngaphansi komthetho wezenzo zocansi nezingane ezincane. Laba baboshwa ngemuva kophenyo lwamaphoyisa ophiko lodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi lwasePhoenix. UKhomishana obambile KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uncome amaphoyisa ngokwenza umsebenzi omuhle oholele ekutheni