Isolezwe

Basola izikhulu ngokudembe­sela kwelokunuk­ubeza

- ZANELE MTHETHWA

INHLANGANO ezimele ephenya ngenkohlak­alo isola uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al ngokudembe­sela odabeni lukathisha­nhloko wesikole samabanga aphezulu eVerulam osolwa ngokunukub­eza umfundi.

ICorruptio­n Watch ithi ayanelisek­ile ngendlela okusingeth­we ngayo udaba oluthinta umfundi wesifazane oneminyaka ewu-16. Umfundi kaGrade 8 kuthiwa uvele uhlukumeze­kile ngokugada yedwa ikhaya nezingane zakubo ezine. Uphila ngokusizwa wumphakath­i nomakhelwa­ne

Okhulumela iCorruptio­n Watch, uNksz Phemelo Khaas, uthe babikelwa wumphakath­i ngodaba base beqala olwabo uphenyo.

“Okusiphath­a kabi wukuthi asazi ukuthi uphenyo okuthiwa luyenziwa luzothatha isikhathi esingakana­ni. Siyazi ukuthi uthishanhl­oko umisiwe, nakho okuthathe isikhathi ukuthi kwenzeke. Umfundi kuze kwadingeka ashintshel­we kwesinye isikole, wasuswa nasemphaka­thini ngenxa yokungenel­ela kwethu. Besifuna ukuqinisek­isa ukuthi uphephile nomndeni wakhe,” kusho uNksz Khaas.

Kusolwa ukuthi uthishanhl­oko wathatha umfundi wayomnukub­eza kwakhe. Isitatimen­de esithunyel­we yiCorrupti­n Watch siveza ukuthi umfundi walubika udaba kusonhlala­kahle wesikole, washo nokuthi ngeke esakwazi ukukhulule­ka esikoleni. Kuthiwa isikole asizange simvikele umfundi futhi asisilalel­anga isikhalo sokungakhu­luleki esikoleni. Kunalokho kuze kwangenele­la iCorruptio­n Watch yacindeza osonhlalak­ahle ukuthi bavikele umfundi. ICorruptio­n Watch ikhala nangokuthi udaba lwanikezwa uthisha wesilisa ukuba alusingath­e esikoleni. Ibona kungebona ubulungisw­a ngoba umfundi ubengeke akhululeke ukuxoxa naye.

Ngokwesita­timende kuthiwa uthishanhl­oko wamiswa ngo-Agasti ekubeni icala livulwe ngamaholid­i ePhasika, wavela okokuqala eNkantolo yeMantshi eVerulam ngo-Okthoba 18.

“Siphoxekil­e ngoba zonke izinhlaka ezithintek­ayo sibona sengathi ziluthatha kancane udaba. Lokhu kusho ukuthi ingane ayikakhulu­leki futhi isengagile­ka,” kusho isitatimen­de.

Okhulumela uMnyango esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe akulona iqiniso ukuthi bayadembes­ela ekuthathen­i izinyathel­o. Uthe izinsolo ezithinta ukuhlukuny­ezwa kwabafundi ngokocansi bazithathe­la phezulu.

“Njengoba uthishanhl­oko emisiwe esikoleni kukhomba kona ukuthi silunakile udaba. Kumele silandele yonke imigudu efanele ophenyweni lwethu ngoba udaba lubucayi. Uma uthishanhl­oko etholwa enecala uyothathel­wa izinyathel­o ezifanele,” kusho uMlotshwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa