Ayenyukanga imali mboleko
UMPHATHI webhange lombuso, uMnuz Lesetja Kganyago, akayinyusanga imali mboleko (irepo rate) – uyishiye iku-6.5%.
Irepo rate yinzalo ekhokhwa ngamabhange uma eboleke imali kwiBhange loMbuso.
Ukunganyuki kwe-repo rate kusho ukuthi iprime lending rate izohlala ku-10.25%.
I-prime lending rate yinzalo ekhokhwa ngabantu uma beboleke imali ebhange. Uma iBhange loMbuso lingayinyusanga inzalo ezokhokhwa ngamabhange nawo awayinyusi ekhokhwa ngamakhasimende awo.
Izolo uKganyago umemezele ukuthi ngeke ishintshe imali mboleko kuze kube ngunyaka ozayo lapho kulindeleke ukuthi achaze ngesimo semali ezweni.
UNksz Mamello Matikinca, iSenior Economist kwaFNB, uthe isinqumo sebhange lombuso bebengasilindele kwazise bebelokhu bebuka amandla emali antengayo.
“Silindele ukuthi amandla emali angehli kakhulu ngonyaka ozayo. Kuseza nocwaningo lweMoody’s neS&P ezosiklelisa ngokomnotho kusasa (namhlanje). Lolu cwaningo lulandela umbiko wesabelozimali waphakathi nonyaka lapho ungqongqoshe wezimali esitshele ukuthi sicwile ezikweletini siyizwe. Njengoba lungekho uhlelo olucacile lokuqeda lezi zikweleti sikubona kunzima ukuthi ngeke sehliswe uma sesikleliswa ngokomnotho,” kusho uNksz Matikinca.
Uthe ezinye izinto ezizokwenza iNingizimu Afrika yehliswe izinga layo ekuklelisweni ngokomnotho yizigigaba ezenzeka njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC. Ukunyuka kwentengo kawoyela ongahluziwe. “Asiyiboni yehla imali mboleko ngonyaka ozayo, mhlawumbe isimo sizoze sibe ngcono kwikota yesibili yonyaka ozayo,” kusho uNksz Matikinca. Unxuse abantu ukuthi babophe izifociya ngoba ikusasa alaziwa. “Sicela abantu basebenzise amabhonasi ukunciphisa izikweletu abanazo ngoba isimo somnotho asisiboni sishintsha ngonyaka ozayo. Kufanele babe nezinhlelo ezicacile zokusebenzisa imali,” kusho uNksz Matikinca.