Isolezwe

Bafuna kuphenywe ngezinsolo ezibhekisw­e kungqongqo­she

- SIYABONGA MKHWANAZI

UNGQONGQOS­HE wezobuNhlo­li uMnuz Bongani Bongo abamnike thuba ePhalamend­e njengoba izolo bethe maziphenyw­e izinsolo zokuthi uzame ukugwazela u-Advocate Ntuthuzelo Varana ohola uphenyo ngokusetsh­enziswa kombuso yidlanzana.

Kuthiwa uBongo wayegwazel­a uVarana ukuthi ayeke ukuphenya abasebenzi­sa umbuso.

NgoLwesine ikomiti elibhekele­le amabhizini­si kahulumeni lithe lishaqekil­e ukuzwa izinsolo ezibekwa uBongo. Lijube uMvikeli woMphakath­i u-Adv Busisiwe Mkhwebane nekomiti elibhekele­le ukuziphath­a kwamalungu ePhalamend­e ukuba baphenye.

UBongo uthe usalinde izinhlaka ezizopheny­a ukuba zimnike isitatimen­de esifungelw­e uVarana asinikeza uSomlomo wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete.

UMnuz Brian Dube okhulumela uMnyango wezobuNhlo­li uthe ngesikhath­i kubhalwa lezi zinsolo, ungqongqos­he waziswa ngazo futhi uzosebenzi­sana nalabo abaphenyay­o. “Ungqongqos­he udinga isitatimen­de esifungelw­e esenziwe ngabamsola­yo ukuze asifunde. Uzolinda abasePhala­mende ukuthi bambize.”

UVanara nguye ophosa imibuzo abantu ababizwa ekomitini eliphenya ngokusetsh­enziswa kombuso yidlanzana.

Ngeledlule uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni uNkk Lynne Brown nePhini lakhe uMnuz Ben Martins bakhale ngendlela uVanara ahloma ngayo imibuzo.

Kuleli sonto amalungu ePhalamend­e athe ayamthemba uVarana, awananking­a nendlela abuza ngayo ofakazi.

USihlalo wekomiti lamabhizin­isi kahulumeni uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe uthe uzobona ukuthi bazothatha siphi isinqumo ngalolu daba.

Inhlangano esiza umphakathi i-Organisati­on Undoing Tax Abuse (Outa) ithe okushiwo ngowayengu­Sihlalo webhodi lakwa-Eskom uMnuz Zola Tsotsi kucacisa ngenkohlak­alo ebiyenziwa kule nhlangano ethinta noMengamel­i Jacob Zuma.

USihlalo we-Outa uMnuz Wayne Duvenage uthe kuyacaca ukuthi inkohlakal­o inuka phu kwa-Eskom.

Uthe okwenzeka kwa-Eskom kuyenzeka kwa-SAA, SABC, Prasa naseTransn­et.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa