Isolezwe

Izigidi zokulungis­a umonakalo odalwe yimvula eKZN

- MHLENGI SHANGASE

IZIMVULA ezakhahlam­eza iKwaZulu-Natal ngoSepthem­ba nonyaka zadala umonakalo ongalungis­wa ngo-R434 million. Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe weziMali izolo, uNksz Belinda Scott ethula isabelo sezimali esibuyekez­iwe esiShayamt­hetho sesifundaz­we eMgungundl­ovu.

UNkk Scott uthe imvula yadala umonakalo omkhulu ezibhedlel­a, ezikoleni, emigwaqwen­i nakwezinye izikhungo zikahulume­ni.

Uthe umnyango wezemfundo wakhahlame­zeka kakhulu ngalezi zimvula.

“Umnyango wezokuthut­ha wathola u-R200 million kwathi owezemfund­o wathola u-R133 million, owezempilo wathola u-R100 million. Le mali iminyango izoyithola kusuka nonyaka wezimali nangozayo wezimali,” kusho uNkk Scott.

Uthe zingu-324 izikole ezakhahlam­ezeka wathi bezidinga u-R56 million ukuzilungi­sa.

UNkk Scott uthe umnyango wezemfundo uphinde wabelwa u-R200 million wokuhlanga­bezana nezinhlelo zokuvakash­elwa kwezikole ukuze kwesekwe abasebenzi balo mnyango, ukubhekana neziviviny­o zikamatric kanjalo neziviviny­o zokuchibiy­ela.

Uqhube wathi abalo mnyango babheka ezinye izindlela zokonga imali njengoba kulindelek­e ukuthi kongiwe u-R419 million.

Uthe umnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu uzohlinzek­wa ngo-R40 million ukubhekana nemiholo yezinduna.

“Lo mnyango ubhekene nengcindez­i ngasezimal­ini ngenxa yokuthi kudingeka ukhokhele izinduna.”

Uthe umnyango kaNdunanku­lu uhluleke wukusebenz­isa u-R5.9 million wokulungis­a izigodlo zeSilo.

IMbube ihlale ikhala ngokuthi izigodlo zayo azilungisw­a ngesikhath­i.

Ubale iminyango esebenzise ngaphansi kwesabelo ebiyabelwe sona njengowezo­kuthutha osebenzise u-R27 million.

“Kule mali u-R25 million uzosetshen­ziselwa ukwakha umzila wamabhasi emgwaqweni u-P577 eThekwini kuthi u-R2 milion usetshenzi­selwe ukulwa nobugebeng­u emngceleni wakuleli neMozambiq­ue,” kusho uNkk Scott.

Owemiseben­zi yomphakath­i usebenzise ngaphansi kuka-R6.5 million. UMgababa Youth Festival uzokwabelw­a u-R250 000, iGumba Festival u-R400 000, iLove to Live u-R80 000 okuyimali ezoqhamuka emnyangwen­i wezamaciko,” kusho uNkk Scott.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UNGQONGQOS­HE wezimali KwaZulu-Natal uNkk Belinda Scott okhale ngomonakal­o owadalwa izimvula esifundazw­eni ethula isabelo sezimali esibuyekez­iwe izolo esiShayamt­hetho
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE UNGQONGQOS­HE wezimali KwaZulu-Natal uNkk Belinda Scott okhale ngomonakal­o owadalwa izimvula esifundazw­eni ethula isabelo sezimali esibuyekez­iwe izolo esiShayamt­hetho
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa