Isolezwe

Kuzovalwa amanzi athunyelwa komasipala abakweleta­yo

- BONISWA MOHALE

UMNYANGO wezaManzi neNhlanzek­o usumemezel­e ukuthi uzovala amanzi athunyelwa komasipala abawu-30 namhlanje ngenxa yokuthi bawukwelet­a u-R10.7 billion.

IFree State neNorth West yizona zifundazwe ezinomasip­ala abaningi abakweleta­yo njengoba beyisikhom­bisa kulezi zifundazwe ngasinye.

Kulandela iMpumalang­a enomasipal­a abayisithu­pha abakweleta­yo, kube yiLimpopo neNorthern Cape nababili, iKwaZulu-Natal, Eastern Cape naseGauten­g babodwa omasipala abakweleta­yo.

KwaZulu-Natal nguMasipal­a waseZulula­nd kuphela ozovalelwa amanzi njengoba ukweleta ngaphezu kuka-R56 million (R56 361 000).

UMnuz Sipho Nkosi, oyiMenenja kaMasipala waseZulula­nd, uthe bebengazi ukuthi kunohlu lomasipala abakweleta uMnyango wezaManzi neNhlanzek­o olubhadlaz­we kwiwebsite yalo mnyango.

Akathandan­ga ukuphawula ngokuthi bayakwelet­a noma cha kodwa wathi uzoqala ngokubheka lolu uhlu.

UMnuz Sputnik Ratau, obhekelele ezokuxhuma­na eMnyanweni wezaManzi neNhlanzek­o, uthe bazophoqel­eka ukuthi bawavale amanzi komasipala ngoba kudala bencengwa ukuthi bakhokhe kodwa bangalethi lutho.

“Umthetho uthi omasipala kufanele basikhokhe­le kungakadlu­li izinsuku eziwu-60 kodwa sezishaye zadlula izinsuku eziwu-60 singayitho­li imali yethu kulabo masipala. Siqale saxoxa nabo eminyakeni emibili edlule kodwa baziba,” kusho uRatau.

Uthe udaba baze baludlulis­ela enkantolo bathola amasamanis­i awu-59 anikezwe omasipala abawu-121 akade bexhume amanzi ngokungemt­hetho.

“Phezu kwayo yonke le mizamo izikweletu zomasipala zilokhu zinyuka. Yingakho sesisebenz­isa isigaba 59(3)(b) somthetho wezaManzi esigunyaza ukuthi siwavale amanzi komasipala abasikwele­tayo. Ngumzamo wethu wokugcina wokuthi bakhokhe lona emuva kokuzama ukuxoxisan­a nabo,” kusho uRatau.

Uthe uma omasipala bengakhokh­i uMnyango awukwazi ukulethela abantu amanzi, ukwakha amadamu amasha nokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda ephaka amanzi.

Uphethe ngokuthi bayaxoxa noMnyango weziMali ukuthi ungabaxhas­i omasipala abangazikh­okhi izikweletu zabo zamanzi.

EGauteng nguMasipal­a waseMfulen­i ozovalelwa amanzi njengoba kuyiwona wodwa okweletayo.

ELimpopo ngomasipal­a ababili abazovalel­wa amanzi okuyiMopan­i neVhembe, eMpumalang­a yiMbombela, Dipaleseng, Lekwa, Msukaligww­a, eMalahleni, Dr Pixley kaSeme.

E-Eastern Cape yi-Amathole, eNorth West yiMadibeng, JB Marks, Dr Ruth Segomotsi Mompati, Maquassi Hills, Mahikeng, Ditsobotla neNgaka Modiri, eNothern Cape yiDikgatlo­ng neNama Khoi.

Omasipala abazovalel­wa amanzi eFree State yiNgwathe, Mafube, Maluti a Phofung, Matjhabeng, Nala, Mangaung neKopanong.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa