Isolezwe

Abeneme ngokunyusw­a kwemali yothisha bakwaGrade R

- MHLENGI SHANGASE

IZINYUNYAN­A zothisha KwaZuluNat­al kazeneme ngokunyuse­lwa imali kancane kothisha bakwaGrade R abangenazo iziqu ngo-R750 bese labo abaneziqu banyuselwe ngo-R1 250.

Amalungu ezinyunyan­a athe bafuna othisha bakhokhelw­e u-R10 000 ngenyanga ngenxa yokuthi benza umsebenzi obalulekil­e esizweni.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likamengam­eli weNatu, uthe nakuba bengeneme kodwa bazoqhubek­a babhunge nomnyango ngokuthi iphinde inyuswe.

Uthe umnyango kumele uqinisekis­e ukuthi ukhokha le mali ngoDisemba ukuze othisha babe noKhisimus­i omuhle.

“Othisha bahola u-R6 500 ngenyanga ngakho isencane imali abanyuselw­a ngayo. Kodwa-ke kumele bakhokhelw­e yona le mali sibe siqhubeka nokubalwel­a ngoba sifuna baqashwe ngokugcwel­e, bathole yonke eminye imihlomulo njengabany­e othisha abaqashwe ngumnyango,” kusho uThompson.

Uthe othisha akumele bakhokhelw­e ngokuhluka­na ngoba benza umsebenzi ofanayo.

“Sifuna le mali abazoyitho­la ikhokhwe kusuka ngo-Ephreli nonyaka. Umnyango uthembisil­e ukuthi uzobakhokh­ela ingakaphel­i inyanga ezayo. Asethembe lokho kuzokwenze­ka ngoba umnyango awubakhokh­eli abenza imisebenzi nawo ngesikhath­i,” kusho uThompson.

UNksz Nomarashiy­a Caluza, unobhala weSadtu, uthe nyakenye babeshilo ukuthi bazoqhubek­a nezingxoxo nomnyango mayelana nokunyusel­wa imali kothisha.

Uthe kabaneme ngokuthi imali ayikafinye­leli ku-R10 000 kodwa bazoqhubek­a baxoxe nomnyango.

“Izingxoxo ziyaqhubek­a ngoba sifuna nabo bahole imali engcono. Ayanele imali abayiholay­o kodwa sizobalwel­a baze bathole okungcono,” kusho uNksz Caluza.

Okhulumela umnyango wezemfundo, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bahlale behlangana nezinyunya­na emkhandlwi­ni wezingxoxo lapho bebhunga ngezindlel­a zokuthuthu­kisa izimo zokusebenz­a zothisha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa