Isolezwe

Bajuluke bamanzi te osamatekis­i befakiwe

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUGQUGQUZE­LWE abashayeli nabanikazi bamatekisi ukuba bazivocavo­ce emarenki, baqiniseki­se ukuthi ayikho neyodwa ingozi ezokwenziw­a amatekisi ngoKhisimu­si.

Lo mkhankaso wokuhambel­a amarenki bewenziwe yiSouth Africa National Taxi Council (Santaco) erenki yaseCheste­rville, eThekwini, izolo.

Osomatekis­i nabanikazi bamatekisi bayeke ukudlala amakhadi neminye imidlalo enedumelo erenki bazivocavo­ca.

Bese bejuluke bemanzi. Abanye bekucaca ukuthi bathwele kanzima, kulukhuni satshe ukunyakazi­sa izinyawo nezisu zibavimbel­a ukuba bafole ngendlela.

IPhini likaSihlal­o weSantaco, uMnuz Sifiso Mthethwa (osesithomb­eni esishuthek­iwe) lithe bafuna ukutshala imbewu enhle yokuba osomatekis­i uma besalinde ukulayisha bazivocavo­ce, ukuze babe nomdlandla futhi bakwazi nokugwema izingozi.

“Sifike sibafundis­e indlela yokuzivoca­voca imizimba ukuze bezohlala besesimeni esikahle sempilo. Sifuna kungabi khona ingozi ezodalwa yitekisi ngoba nakhu umshayeli ekhathele nomzimba wakhe ungekho esimeni. Nabanikazi bamatekisi asifuni ukuthi uma bezobheka umsebenzi bafike bahlale. Sifuna banyakazis­e umzimba,” kusho uMthethwa.

Umkhankaso wokuhambel­a amarenki uqale ngoNovemba 6, uzophothul­wa ngesonto elizayo.

“Esikushuma­yela kakhulu njengoba sihambela emarenki ahlukene, ukuba ngalo Khisimusi kungabi nezingozi ezidalwa amatekisi. Kumele abe sesimweni esihle sokuthwala abantu, nejubane eliphezulu yinto esingafuni nokuyibona. Njengoba silapha eChestervi­lle sibafundis­a ukuba bayilalele imithetho yemigwaqo futhi babaphathe kahle abagibeli,” kusho uMthethwa.

UMnuz Jabulani “Mjay” Khambule we-Hlokomela, uthe itekisi ezotholaka­la inamathayi angekho esimeni esikahle bazoyimisa, behlise abagibeli.

“Sibhekela ukuphepha kwabagibel­i. NgoDisemba 16 noDisemba 24 sisebenza usuku lonke sigadile ukuthi umsebenzi uhamba ngendlela,” kusho uKhambule.

UMthethwa uwukhuzile umkhuba wokubulala­na kosomateki­si wathi amaphoyisa ngeke abayeke abatholaka­la bethinteka ezigamekwe­ni zokubulala.

“Ukubulawa kwabantu embonini asikukhuth­azi. Ababulali sithembe ukuthi amaphoyisa azobabopha. Kumanje sinesimo esibhekene naso eSigodini, sokuhlasel­wa kosomateki­si kodwa sesithumel­e ithimba lethu ukuxazulul­a isimo. Abantu abasebenzi­sa loya mzila ngokungekh­o emthethwen­i kuyalelwe ukuba baboshwe,” kusho uMthethwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa