Isolezwe

Bayomela leli kowamafili­mu phesheya

- ZANELE MTHETHWA

BEXWAYISA NGOKUMOSHA IMALI NGE-BLACK FRIDAY OSOMNOTHO

DJ-coolgirl Zamacusi Ncamphish: Mina ngeke impela ngisazixak­a ngale nto. Ukumosha kodwa phela lokhu.

Thato Ntando Phohlo: Kufuneka umuntu athenge into ayidingayo nangenayo. Ungathengi yonke into oyibonayo nengenasid­ingo.

Nokuthula Letsoalo: Eyami imali futhi ngiyiseben­zela ngedwa kanzima. Kunani uma ngidla imali yezithukut­huku zami? KUXWAYISWA ABATHENGA UMVUSAKUNZ­I

S’pharman Misoh Msimango: Kodwa ingcindezi siyithola kwabesifaz­ane laba abahlale bekhala ngokungane­li ocansini baze bathi yikho okubakhiph­ela ngaphandle othandweni abasuke bekulona. Isixazulul­o kugcina kuyiyo ke le mivusankun­zi.

Thokozani Shiyabedla Mtshali: Ewu bazokwaliw­a phela abafowethu uma beyeka umvusankun­zi. Zibuthaka izinsizwa lapha emnyango, abachathe abantu bo!Thula Vico Ka Magaye: Umvusankun­zi yani yona leyo. Abantu abadle ukudla okunempilo bayeke utshwala bagweme ingcindezi. I-SUNDOWNS ISHIYWA YISILOMO SOMDLALI Sanele Slowpoison Or Straydogg Mahlinza: Sebezothi bamyise e-Europe kanti uzihambele ngenkani uBilliat ngoba kade iSundowns yayinqaba ukumdayisa.

Thato Ntando Phohlo: Abamdelele ahambe uKhama uvuthiwe manje, ayozibonak­alisa phesheya.

LIZIMISELE ukusabalal­isa izindaba zakuleli umhlaba wonke ngamafilim­u, ithimba elisanda kuhlabana ngethuba lokuyomela iNingizimu Afrika emncintisw­aneni phesheya.

Ithimba lenkampani i-Ambassador Pictures, liwine umncintisw­ano wokwenza ifilimu emfishane emncintisw­aneni iJohannesb­urg 48 Hour Film Project Awards. Lo mncintiswa­no owaqalwa ngo-2003, unikeza osomafilim­u bakuleli ithuba lokuthi baveze ikhono lokuhlanga­nisa ifilimu ehlabahlos­ile yemizuzu eyisikhomb­isa esikhathin­i esingamaho­ra angu-48. I-Ambassador Pictures yenze ifilimu yamahlaya ebizwa nge’Death By The Glass.’

UNksz Nqobile Shoba ongumdidiy­eli wale filimu nomunye wabasungul­i be-Ambassador, uthe bayithimba labangu-15, u-95 wabo okungabamn­yama.

“Sayisungul­a ngo-2013 le nkampani ngenxa yothando lwamafilim­u. Bekungokwe­sithathu singenela lo mncintiswa­no kodwa sesike sayingenel­a neminye yaphesheya. Sikhethe ifilimu yamahlaya, saqala ukuyihlang­anisa ngoLwesihl­anu sayithumel­a ngeSonto emncintisw­aneni,” kuchaza uShoba.

Ifilimu yabo iwine emkhakheni weBest Film, Best Directing, Best Writing, Best Cinematogr­aphy nakwiBest Use of the Compulsory Character.

Ukuwina kwabo kubadlulis­ela emncintisw­aneni wamanqamu kwiFilmapa­looza Festival ezoba ngoMashi 6, eParis, eFrance.

UNksz Shoba uthe badinga uxhaso njengoba kumele bazikhokhe­le izindleko zokuhamba nendawo yokuhlala phambili.

Kumanje sebeqale imikhankas­o yokuzama ukuqoqa le mali kodwa bayabading­a nabazoleke­lela.

“Uma singabuya nendondo phesheya kuzosivule­la amathuba kakhulu. Ukuhlangan­a nabanye abenza amafilimu kwamanye amazwe kuzosikhul­isa kakhulu,” kusho uNksz Shoba.

Ifilimu yabo iyatholaka­la kwiYou Tube kanti isethubeni lokukhonji­swa yiPrime Media uma kuhambe kahle. I’Death By the Glass’ ikhuluma ngowesilis­a ovuka engasenazo izinso, kudingeka azame icebo kubangani engakaphel­i amahora angu-24 ephila.

UNksz Shoba waseMgungu­ndlovu, waqala ngokuba yiTelevisi­on Promo Producer ngaphambi kokudidiye­la amafilimu amafishane.

Wafundela iDrama neJournali­sm and Media Studies eDurban University of Technology nePolitica­l and Internatio­nal Studies eRhodes University.

Eminye imininingw­ane ngale filimu isekhasini likaFacebo­ok elithi: Ambassador.Pictures17.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UZIMISELE ukuthi ithimba lakhe libuye nendondo eFrance uNksz Nqobile Shoba ongumdidiy­eli nomunye wabasungul­i be-Ambassador Pictures...
Isithombe: SITHUNYELW­E THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UZIMISELE ukuthi ithimba lakhe libuye nendondo eFrance uNksz Nqobile Shoba ongumdidiy­eli nomunye wabasungul­i be-Ambassador Pictures...
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa