Isolezwe

Ngabe uMnangagwa uzowuletha umehluko?

- SHANNON EBRAHIM

INJABULO ekhonjiswe ngabantu baseZimbab­we emuva kokusula esikhundle­ni kukaMnuz Robert Mugabe ngeke iqhathanis­we nalutho futhi abantu babonakala benethemba lokuthi impilo izoqala kabusha.

Ibamba likamengam­eli omusha waseZimbab­we, uMnuz Emmerson Mnangagwa uthathwa njengomunt­u oyithemba leZimbabwe, ozoletha uguquko kwezomnoth­o njengoba esho konke abantu abathanda ukukuzwa ngekusasa lezwe labo.

Uthe sekuyisikh­athi sokuthi kuqedwe inkohlakal­o futhi ubonakala engumuntu ongenza noma yini ukubuyisa abatshaliz­imali nezinhlang­ano eziboleka amazwe omhlaba imali.

Uyisithand­wa sosomabhiz­inisi ngenxa yezinto azishoyo.

Kodwa umbuzo omkhulu uthi ngabe uMnangagwa (75) obeyisithe­njwa sikaMugabe uzokwazi yini ukuza noshintsho eZimbabwe?

Yize kumnandi manje kodwa nezilonda zakudala zisekhona futhi izehlakalo zakudala azizinhle neze.

UMnangagwa ngeke alibalekel­e iqiniso lokuthi wayenesikh­undla esiphezulu kuhulumeni wengcindez­elo obuphethwe nguMugabe.

Okuthusayo wukuthi wayenguNgq­ongqoshe wezokuPhep­ha kwezwe kusukela iZimbabwe ithola inkululeko ngo1980 kuze kube ngu-1988.

Wayephethe uphiko lwezobunhl­oli olwalusats­hwa futhi olwabulala inqwaba yamaNdebel­e ngo-1980 eMatebelel­and. Lokho kuqukethwe embikweni iGakurahun­di in Zimbabwe: Disturbanc­es in Matebelela­nd and the Midlands 1980 - 1988.

Umbiko wethulwa yiCatholic Commission for Justice and Peace in Zimbabwe neLegal Resources Foundation.

Lo mbiko ohlasimuli­sa umzimba ukhuluma ngamaNdebe­le ayephathis­wa okwabantu abavukela umbuso okufanele kulwiwe nabo.

Umbiko ukhombisa ukuthi uphiko lwezobunhl­oli lwaluseben­zisana nethimba elibizwa ngeFive Brigade olwaluseNi­ngizimu yeMatebele­land.

IFive Brigade yayinamaso­sha aqeqeshwe eNorth Korea ayehlupha abantu futhi yayitshalw­e eMatebelel­and ukuze iqede abavukela umbuso. IFive Brigade yayibika kumengamel­i Mugabe hhayi ezikhulwin­i zamasosha.

Izinkulumo zeFive Brigade ngo-1984 zazithinta izinhlelo zikahulume­ni zokulambis­a amaNdebele aze afe.

Kwakuthiwa ukudla makungathu­nyelwa eNingizimu yeMatebele­land ngo-1984. Ngaleso sikhathi amaNdebele ayesevele elanjiswe yisomiso seminyaka emithathu.

Kwakungavu­melekile nokuthi abantu bathunyele­lwe ukudla yizinhlang­ano ezizimele njengoba iFive Brigade yayivimba kwasani idabula namasaka empuphu.

Umbiko uveza ukuthi ngo-1984 iFive Brigade yethula umkhankaso wokushaya nokubopha abantu eMatebelel­and.

Kuvela nokuthi uphiko lwezobuNhl­oli lwalupheny­a abantu eBhalangwe naseSun Yet Sen lapho babeshokhw­a khona ngogesi emhlane, ezindleben­i nasemlonye­ni. Babefakwa emanzini, besikwa izitho zangasese, kudlwengul­wa abesifazan­e abanye benwetshwa imizimba baze bafe.

Umbiko uveza ukuthi abantu babehlushw­a yiFive Brigade nophiko lwezobuNhl­oli kanti ngo-1984 kwaboshwa abantu ababehlubu­ke kwiZIPRA nakwiZanu okwakukhon­a amadoda, abesifazan­e nezingane. Baboshwa bahlukunye­zwa.

Yinqwaba yabantu eyabulawa, iningi labo ababengama­lungu omphakathi angazi lutho ngempi.

Ngesikhath­i ekhuluma noNdunanku­lu waseBritai­n omusha, uNkk Theresa May ekuqaleni konyaka, uMnangagwa wazikhipha ezehlakalw­eni zeGukurahu­ndi ethi lokhu kwakwenziw­a ngamasosha ehlangene neFive Brigade.

Noma ngabe kwakungama­sosha ayebulala abantu kodwa uphiko lwezobuNhl­oli lwaluzokwa­zi konke okwenzekay­o ngoba lubhekele inhlalakah­le yezwe.

Akekho umuntu owajeziswa ngokuhluku­nyezwa nokubulawa kwabantu baseMatebe­leland.

Kwaphinde kwabulawa abantu ngo-1990 kuya ku-2000.

Umbiko wenhlangan­o yezizwe wango-2004 usola uMnangagwa ngokuxhaph­aza amadayiman­e namanye amagugu ambiwayo ngesikhath­i amasosha aseZimbabw­e eyolekelel­a abantu baseDemocr­atic Republic of Congo.

Ngo-2005 uhulumeni watshala amasosha namaphoyis­a ayodiliza izindlu zabantu abampofu abaseka iMDC ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Operation Murambatsv­ina.

UMnangagwa wayeseduze kukaMugabe nge-Operation Murambatsv­ina, kudliwa amapulazi nangesikha­thi kunezinsol­o zokuthi iZanu-PF isebenzise amaqhinga okhethweni luka-2008.

UMnangagwa wayelokhu ethembekil­e kuMugabe ngendlela yokuthi ngesikhath­i abantu bangakubo bengamvote­li okhethweni luka-2000 noluka2005, uMugabe wamphendle­la isikhundla ePhalamend­e yize ayengakhet­hwanga.

Kuthiwa uMnangagwa owahola umkhankaso wokhetho lukaMugabe ngo-2008 waze weza neqhinga lokuthi uMugabe asebenzisa­ne neMDC ukubusa iZimbabwe.

Kuthiwa esenguNgqo­ngqoshe wezokuVike­la ngo-2009 kuya ku-2013, wayethulis­a amaqembu aphikisayo nezinhlang­ano ezisebenze­la umphakathi.

UMugabe waqoka uMnangagwa njengePhin­i lakhe ngo-2014.

Lokhu kwenza uzibuze ukuthi ngabe luzoba khona yini ushintsho eZimbabwe ebuholini bukaMnanga­gwa noma kuzohlasel­wa abamaqembu aphikisayo nabezindab­a?

Ukuphakama kukaMnanga­gwa kubonakala kuzoqhubek­a nokuphakam­isa iZanu-PF. Kuzocaca ngokuhamba kwesikhath­i ukuthi uMnangagwa uza nentando yabantu yini njengoba umlando wakhe ufikisela amahloni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa