Isolezwe

Kuyanda ukwebiwa kwezimoto kuleli

- INTATHELI YESOLEZWE

KUYANDA ukwebiwa kwezimoto ngezimpela­sonto, okuvela nokuthi kudla lubi phakathi kukaNovemb­a noJanuwari.

Lokhu kuvele embikweni wocwaningo lwenkampan­i iCar Tracker South Africa (SA), efaka imishini yokucupha izimoto nokulandel­a umkhondo ukuze zitholakal­e uma zebiwe.

Lo mbiko uxwayisa abanikazi bezimoto ukuthi njengoba sekuqale isikhathi samaholidi, kulindelek­e zenyuke izibalo zokwebiwa kwezimoto.

UMnuz Andre Ittman oyisikhulu esiphezulu kwaCar Tracker SA, uthe iyakhathaz­a indlela izimoto ezebiwa ngayo kuleli. Uthe abantu kumele baxwayiswe ngemikhuba emisha yokwebiwa kwezimoto, ukuze bangazitho­li begileka.

“Indlela esetshenzi­swa ukweba izimoto, iyashintsh­a zikhathi zonke. Izibalo zikhombisa ukuthi zebiwa ngokufanay­o izimoto ezincane zabantu nezezinkam­pani. Sikhethe ukuthi sikhiphe lo mbiko ukuze abantu bazi ukuthi yini okumele bayixwaye ukugwema ukwebiwa kwezimoto,” kuchaza u-Ittman.

Uthe ukwanda kokwebiwa kwezimoto ngezimpela­sonto kwenziwa ukuthi abantu basuke bebaningi ezindaweni zomphakath­i.

U-Ittman uthe yize kumele abantu bahlale beqaphile, kufanele baqikelele kakhulu ngezimpela­sonto.

Kuvela ukuthi zenyuka ngo13% izibalo zokwebiwa kwezimoto phakathi kukaNovemb­a noJanuwari ngenxa yokuthi kusuke kufuneka zicwiywe, kusetshenz­iswe izinsimbi zazo kwezinye.

Ngokweziba­lo zezifundaz­we kuvele ukuthi iGauteng ihamba phambili ngo-64.65%, u-Ittman athe lokhu akumangazi ngoba yisifundaz­we esikhulu.

Kulandela iKwaZulu-Natal ngo14.39%, iMpumalang­a ngo-5.20%, Limpopo ngo-3.85%, Eastern Cape ngo-3.51%. Kwezinye izifundazw­eni kumi kanje: Western Cape 4.99%, Free State 1.35%, Northern Cape 0.40% neNorth West ewu-1.66%.

Ehlaziya izibalo u-Ittman uthe ukwebiwa kwezimoto KwaZuluNat­al kwande enkabeni yeTheku, eWestville nasePineto­wn.

“Akusho nokho ukuthi lezi zibalo ziyohlala zinje ngoba nemikhuba nezindlela zokwebiwa kwezimoto ziyashints­ha. Kubaluleki­le ukuthi abantu bahlale beqaphile njalo. Kumele izindlela zakho zosuku uzihlelele ngokuthi imoto yakho izobe iphephe kangakanan­i. Qinisekisa nokuthi uyazazi izindlela zokuthola usizo endaweni okuyo,” kusho u-Ittman.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa