Basola osomatekisi ngokubaqola abadayisa erenki yaseMandeni
BAKHALA ngokuqolwa wosomatekisi abesifazane abadayisa emakethe yaseMandeni abathi bakhokhiswa imali ngonogada bamatekisi njalo ntambama uma sebegoduka.
Bathi sekuphele iminyaka engu-25 bedayisa kule ndawo bengawukhokheli uMasipala kodwa babizwe wusoseshini waseMandeni emhlanganweni emasontweni amathathu edlule baziswa ukuthi sebezokhokha njalo ntambama.
Abesifazane abangathandanga ukudalulwa ngenxa yokwesaba bathe sekuyisonto lesibili bekhokhiswa u-R25 njalo ntambama uma sebehamba, okuthiwa ngeyonogada abagada amatekisi.
Okhulume neSolezwe uthe sekuphele iminyaka engu-25 esebenza kule makethe bengenayo inkinga.
“Ibhizinisi libuye lingahambi kahle njengoba kubuye kuthule phakathi nonyaka kodwa nsuku zonke sekumele sikhokhe uR25. Le mali ngisuke ngizogibela ngayo ngithenge nezinkwa zezingane,” kusho umdayisi.
Omunye umdayisi naye ongathandanga ukugagulwa uthe bayabona ukuthi babanjwa inkunzi ngoba bakhokhela onogada abangabagadile, abagade amatekisi.
UMnuz Bheka Mkhathini onguSihlalo kasoseshini waseMandeni uthe akanalo ulwazi lokuthi abantu abadayisayo bayakhokhiswa kodwa kukhona isivumelwano esathathwa emhlanganweni ngesikhathi bebize laba badayisi sokuthi bakhokhe uR25 njalo uma kuphela inyanga ukuze umuntu abambe indawo yakhe erenki nokuthi bazi ukuthi umuntu udayisa hlobo luni lokudla.
“Ngiyasola sekukhona abenza ubugebengu ngokukhokhisa abantu singazi mihla namalanga. Sizolulandela lolu daba,” kusho uMkhathini.