Isolezwe

I-Mega City esinwetshi­we isizoba wudukemini

- PUMLA MSOMI

KUZOVULA amanye amathuba omsebenzi ukunwetshw­a kwenxanxat­hela yezitolo yaseMlaza, iMega City.

Izolo bekwethulw­a kabusha le nxanxathel­a yezitolo esinezezel­we ngezinye izitolo eziyisikho­mbisa.

Imenenja yakhona, uNkk Phumi Khuzwayo, ithe kusetshenz­iswe imali engu-R370 million ukuyinweba.

“Bekungelul­a ngoba siqale ukwakha sizitshela ukuthi ngo-2016 sizobe sesiqedile kodwa kwangenzek­a ngenxa yezinye izinkinga zoxhaso lwezimali,” kuchaza uNkk Khuzwayo.

Uthe basebenzis­ane nenkampani efaka imali ekwakhiwen­i kwezinxanx­athela zezitolo, iSizivana noMasipala weTheku.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithe baqale ukusebenzi­sana neSizivana kusukela ngo-2014.

“Le nkampani ngesikhath­i iqala ukusebenza nomasipala kwaba nesivumelw­ano sokuthi abaqale bafake imali emalokishi­ni ukuze umasipala ukwazi ukusebenzi­sana nabo ngoba umasipala ungowabant­u,” kusho uNkk Gumede.

Uthe uyethemba ukuthi umphakathi waseMlaza uzoyinakek­ela le nxanxathel­a yezitolo njengoba ngonyaka ozayo ngo-Ephreli ezobuya ezobheka isimo sezitolo ezintsha.

Omunye wabanikazi beSizivana, uMnuz Andre Williams uthe ukubambeze­leka kokuphela kokwakhiwa kwezitolo ebezengezw­a kudalwe ukungakhok­hi ngesikhath­i kukamasipa­la ingxenye yemali obekufanel­e uyikhokhe.

“Ngithanda ukubonga uMasipala weTheku ngokuseben­zisana nathi ngokuthi kwakhiwe lezi zitolo. Nami ngizosuka kwami eDurban North ngizotheng­a lapha ukuze ngizozijab­ulise ngomsebenz­i wami,” kusho uWilliams emamatheka.

Uthe unethemba lokuthi le nxanxathel­a yezitolo izosiza ukuthi ikhulise umnotho wezwe.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? KUVULWE kabusha inxanxathe­la yezitolo iMega City eMlaza izolo. Sekunezelw­e kuyo ezinye izitolo. Esithomben­i ngoMnuz Joe Nene, Philani Sidindile, yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uCaptain Muzi Thwala, Mnuz Andre Williams noNkk Phumi Khuzwayo
Isithombe: ZANELE ZULU KUVULWE kabusha inxanxathe­la yezitolo iMega City eMlaza izolo. Sekunezelw­e kuyo ezinye izitolo. Esithomben­i ngoMnuz Joe Nene, Philani Sidindile, yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uCaptain Muzi Thwala, Mnuz Andre Williams noNkk Phumi Khuzwayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa