Isolezwe

Ingqungqut­hela i-TOC iza e-Afrika okokuqala

- BONISWA MOHALE

IZOHLANGAN­ISA abasemkhak­heni wamachweba iTerminal Operators Conference Africa (TOC) ezoba seThekwini ngoDisemba 5 iphele ngoDisemba 6.

Kungokokuq­ala ngqa ingqungqut­hela iza e-Afrika kwazise ivamise ukuba semazweni ase-Europe.

Ingqungqut­hela ihlanganis­a izazi kwezokuthu­thwa kwempahla, abatshaliz­imali, abanikazi bemikhumbi, abamaloli, abakha imishini ethutha impahla emachweben­i nabanye.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ingqungqut­hela izothuthuk­isa umnotho wesifundaz­we futhi ikhombisa ngokusobal­a ukuthi isifundazw­e sikulungel­e ukubheka amathuba omnotho olwandle.

“Ingqungqut­hela izoba seNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre. Ikhombisa ukuthi i-Afrika isikulunge­le ukuvelela. Kuhle ukuthi ingqungqut­hela iKwaZulu-Natal ngoba sinamachwe­ba amabili eliseThekw­ini neliseRich­ards Bay.”

Uthe iTOC izokhombis­a abantu bomhlaba ukuthi iKwaZulu-Natal inamathuba amaningi kwezamachw­eba futhi iyona eyindlela yokungena kwamanye amazwe aseAfrika.

“Ichweba laseThekwi­ni liyindlela yokungenel­a kwamanye amazwe ase-Afrika ngoba iNingizimu Afrika inobudlelw­ano namanye amazwe. Sinengqala­sizinda esezingeni eliphezulu ehlanganis­a isikhumulo samabhanoy­i iKing Shaka Internatio­nal enendawo yokuhambis­a izimpahla kwamanye amazwe esayakha ngo-R74 billion.”

Kuzobe kukhona nosomabhiz­inisi beDurban Chamber of Commerce and Industry ngoba isimemezel­o sokuthi ingqungqut­hela iza eThekwini sadlulisel­wa kumalungu ayo.

Echaza ngengqungq­uthela uNkk Dumile Cele, oyisikhulu esiphezulu seDurban Chamber, wathi izohlangan­isa abantu bamazwekaz­i ase-Afrika nabakwaman­ye amazwe futhi izongenisa imali eThekwini.

Uthe bayajabula ukuthi iTheku liyaqhubek­a nokuheha izingqungq­uthela ezinkulu okusho ukuthi lihamba phambili ekuzihlele­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa