Kuxwayiswa abadabula imifaniswano
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, usexwayise abafundi abaphothula izivivinyo zika-matric ukuthi bangadabuli noma babhale imifaniswano yabo ngosuku lokuqeda ukubhala.
UDlungwane usho lokhu nje sekufana nesiko ukuthi ngosuku lokugcina abafundi babhalane amagama abo emifaniswaneni, abanye bayidabule okusuke kukhombisa ukuthi sekuphelile ngesikole njengoba besuke befunde iminyaka engu-12.
Abafundi bazithethelela ngokuthi basuke begqoke imifaniswano emidala engasabalingani kahle okuyiyo abagila le migilingwane kuyona.
UDlungwane uthe kumele abafundi bayeke ukwenza lokhu.
“Sihlale sikubona lokhu njalo uma kuqedwa ukubhala ukuthi kudatshulwe izinto. Kumele singabagqugquzeli abafundi ukuthi benze lokhu, sibagqugquzele ukuthi basize abanye abafundi abantulayo,” kusho uDlungwane.
Uthe njengoba izwe libhekene nenkinga yokuntula kwabantu, kudingeka imifaniswano inikwe labo abayidinga kakhulu.
“Ngosuku lokugcina lokubhala abanikelele labo abayidingayo. Abayishiye ezikoleni okuyizo ezizonika labo bafundi abadinga usizo,” kusho uDlungwane.
Unxuse abafundi ukuthi baziphathe kahle njengoba kuza amaholidi.
Usho lokhu nje ngempelasonto ezayo abafundi baba namaphathi abizwa nge-”pens down” lapho kusuke kuphuzwa utshwala abafundi bejabulela ukuqeda ukubhala izivivinyo.
“Noma kungathiwa ngamaholidi, abafundi abaziphathe kahle. Abapheze ukuphuza utshwala kula maphathi okuphothula ukubhala abanye baze bagcine sebedlwengulwa,” kusho uDlungwane.
Abafundi abaningi baphothula izivivinyo zabo ngephepha lesithathu lesiNgisi ngoMsombuluko, kuthi idlanzana liphothule ngoLwesibili ngeAgricultural Management.
Namaphoyisa aseThekwini axwayise abafundi ukuthi bangaphambani nomthetho uma sebevakashele emabhishi bezozijabulisa.
Amaphoyisa athe azobe eqaphe ngelokhozi kuleli doloba ukuthi akuphuzwa ebhishi, akukhishwa amakhanda ngaphandle ematekisini agqomayo njengoba lokho kungafaka umshayeli enkingeni.
Izinhlangano zabafundi iCosas, ne-YCL zihlale zibaxwayisa abafundi ukuthi babhiyoze babuye nganeno uma kunamaphathi okuphothula ukubhala.
Lezi zinhlangano zihlale zinxusa abafundi ukuthi banikelele labo abaswele imifaniswano kunokuyibhala noma bayidabule.