Isolezwe

Uxwayisa ngomkhuba wokulova kwezingane

- PHILI MJOLI

INGANE ejwayele ukulova enkulisa nasesikole­ni ifike yenze okufanayo. Lokhu kushiwo uNksz Thoko Zuma onguthisha waseLethus­izo Creche, KwaNgcolos­i ngesikhath­i kunomcimbi wodado basezinkul­isa asebelunge­le ukuyofunda uGrade R, ePinetown, izolo.

Uthe kunabazali abaye bazilovise izingane uma lina noma kumakhaza bengazi ukuthi lokho kuzoba nomthelela omubi noma sezifunda esikoleni.

“Kubukeka kuyinto encane lokhu kodwa kwenza umonakalo enganeni ngoba ikhula yazi ukuthi izolova uma isimo sezulu sisibi ekubeni esikoleni kuzomele iye zonke izinsuku zokufunda,” kusho uNksz Zuma.

UNksz Zuma Fakazi obhekele izinkulisa eMnyangwen­i wezeMfundo esifundeni sasePineto­wn uthe izinkulisa zisebenza ngaphansi kohlaka, iNational Curriculum Framework (NCF), oluhlelelw­e ingane ezelwe kuya kweneminya­ka emine. “Njengamanj­e izinkulisa azisafani nakuqala lapho umama noma ngubani onothando lwezingane ebeqoqa izingane azigade. Kumele izingane zifunde ngokudlala ngokucula, ngokwenza iminyakazo ethile, inhlanzeko nokwehluka­nisa imibala. Lokhu kwenzelwa ukuthi ingane uma isikwaGrad­e R kube lula kuyo ukuthi ifunde ngoba nakhona kuneCurric­ulum yakhona,”kusho uNksz Fakazi.

UNkk Sindi Louvie ongusonhla­lakahle esifundeni sasePineto­wn, uthe uhlelo lokulungis­elela izingane ukuthi zifunde i-Early Childhood Developmen­t (ECD), lunciphisa izinkinga zezingane ezize zifike esikoleni zingenazo izitifiket­i, lusize nasezingan­eni ezinezinki­nga kwezempilo zisheshe zibonwe. “Imidlalo yasenkulis­a isisiza ekutheni sisheshe sibone ukuthi ingane ethize ayikwazi ukudlala emidlalo ethize. Uma sesikuboni­le lokho siyithumel­e ezikhungwe­ni ezifanele kusenesikh­athi, kusheshe kubonwe ukuthi lokhu kudalwa yini bese kulandelwa uhlelo olufanele,” kusho uNkk Louvie

 ??  ??
 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UNKK Sindi Louvie wehhovisi lokuThuthu­kiswa koMphakath­i ePinetown, echaza ngeqhaza labo ezinkulisa, ngesikhath­i kunomcimbi wodado asebelunge­le ukuyofunda uGrade R, ePinetown, izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA UNKK Sindi Louvie wehhovisi lokuThuthu­kiswa koMphakath­i ePinetown, echaza ngeqhaza labo ezinkulisa, ngesikhath­i kunomcimbi wodado asebelunge­le ukuyofunda uGrade R, ePinetown, izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa