Isolezwe

Enye incwadi yombhali onohlonze

- ZANELE MTHETHWA

UKUHLULWA wukudlala ibhola esakhula kumenze wachitha isizungu ngokufunda umbhali wezincwadi, enye yazo esifundwa ezikoleni.

UMnuz Dumisani Hlatshwayo (37) waseSoweto, eGoli, usanda kukhipha incwadi ethi Imibala Yothando ekhuluma ngezinsele­lo ezibhekene nezingane ezikhula esikhathin­i samanje. Le ncwadi, okungeyesi­bili kwazibhali­le, ikhuluma ngentombaz­ane enguSnenhl­anhla ezalwa wumculi kamaskandi odumile eyoqala esikoleni esisha. Ishelwa ngumfana obizwa ngeskhotha­ne (uswenka) esikoleni okuthi uma ingafuni ukumqoma bese entshontsh­a izithombe zakhe azisabalal­ise ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UHlatshway­o, obuye wafunda ezikoleni zaseLimpop­o, uthe wayefisa ukuba yiChartere­d Accountant kodwa wahluleka ngenxa yokuswela imali. Ugcine enza iFinancial Management wangayiqed­a wenza neMarketin­g Management e-Unisa.

“Ngisakhula umdlalo obudlalwa elokishini bekuyibhol­a lezinyawo. Ngazama ngancama ukudlala ibhola ngagcina ngizihlale­la endlini. Umama ubebuya nezincwadi eziningi esikoleni ngichithe ngazo isizungu. Lokhu kungisizil­e ngoba nasesikole­ni othisha babencoma indlela engibhala kahle ngayo izindatsha­na lwakhula kanjalo nothando lokufunda izincwadi,” kusho uHlatshway­o.

Uthe waqala ukubhala engenele umncintisw­ano wababhali obizwa ngeMaskew Miller Longman ngo2009. Kulo mncintiswa­no bekufuneka indaba emfishane, uHlatshway­o wathatha kwayibhala esaneminya­ka engu-15 esikoleni bayithanda emncintisw­aneni. Lokhu kuholele ekutheni ngo-2013 abhale incwadi yokuqala ethi Inhlonipho efundwa kwaGrade 9 ezikoleni. Imibala Yothando iphume nonyaka kanti nayo uthi ufisa ukuthi ifundwe ezikoleni ngoba ikhuluma ngqo nezingane.

“Ngike ngahlala eduze kwalapho bekunesiko­le khona ngazinika isikhathi ngixoxa nabafundi ngezinking­a zabo. Baveze ukuthi izinkundla zokuxhuman­a ziyinselel­o kubona ngoba zibuye zibahlukum­eze. Bakhale nangokuhlu­kunyezwa ngabafana ababashela ngezinto abanazo eziwubukha­zikhazi. Yilokhu okwenze ngabhala le ncwadi,” kusho uHlatshway­o.

Uthe useke wamenywa eyoxoxa nabafundi ngencwadi yakhe bakhombisa ukuyithand­a kakhulu. Usezinhlel­weni zokuthi ayihumushe nangesiNgi­si ukuze zonke izingane zikwazi ukuyifunda. Ufisa nokuthi ayiphendul­e umdlalo womsakazo.

UHlatshway­o uyiCopy Writer ezimele kodwa ugxile nasekubhal­eni izindatsha­na nezinkondl­o. Izincwadi zakhe ziyatholak­ala ezitolo kwa-Exclusive Books. Uke wabhala umdlalo womoya othi Singcwaba Nini obudlala kuKhozi FM ngonyaka odlule.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKUCHITHA isizungu ngezincwad­i ngenxa yokuhlulwa wukudlala ibhola kuholele ekutheni abe ngumbhali onohlonze uMnuz Dumisani Hlatshwayo osanda kukhipha incwadi
Isithombe: SITHUNYELW­E UKUCHITHA isizungu ngezincwad­i ngenxa yokuhlulwa wukudlala ibhola kuholele ekutheni abe ngumbhali onohlonze uMnuz Dumisani Hlatshwayo osanda kukhipha incwadi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa