Isolezwe

IBafana isifana nengane engezwa esihlazayo

-

AYIKHO into eyinkinga njengokuba nengane eyihlongan­dlebe ehlezi yenza izinto ezikushayi­sa namahloni emphakathi­ni. Inkinga enkulu ngalokho ukuthi noma ungayiduba leyo ngane, uyixoshe kwakho kodwa ngeke kushintshe ukuthi izalwa nguwena.

Ngokuqonda lokho uyaye uzameke ukukhuza, uyibonise, uyifunele nosizo ongaluthol­a ukuze ibuyele endleleni osuke ufuna ihambe ngayo. Kwesinye isikhathi kuba nhlanga zimuka nomoya kodwa uma ube nenhlanhla izinto zigcine zilungile.

Esimeni seBafana Bafana, kubukeka kunhlanga zimuka nomoya konke okwenziway­o ukuze iqembu linqobe imidlalo ebalulekil­e. Kuyinto engemnandi ukuthi abalandeli sebaze bajwayela ukuthi iBafana ayilubhadi kwiNdebe yoMhlaba noma i-Africa Cup of Nations ngenxa yokwehlule­ka ukuzibekis­ela indawo. Indlela izinto ezenzeka ngayo abalandeli sebevele benze ihlaya ngokungaph­umeleli kweqembu lesizwe kunokuthi badinwe.

Enye into exakayo wukuthi e-Afrika yonkana emazweni abukeka engcono ngezinto ezithinta unobhutshu­zwayo iyabalwa iNingizimu Afrika. UMzansi ungcono uma uqhathanis­wa namazwe afana noZambia, Zimbabwe, Democratic Republic of Congo, Angola, Senegal, Cape Verde, Burkina Faso, Libya, Mauritania namanye. Kodwa isimanga esenzekayo uma sidlala nala mazwe ukuthi avele asehlule bese siyahlulek­a ukuya emiqhudelw­aneni emikhulu. Imidlalo esanda kuphela yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eseRussia bekubhekwe ukuthi sizihambel­e kalula kuyona uma kubhekwa amazwe ebesiqhath­we nawo. Yebo iSenegal iyizwe elihlale lisihlupha uma sidlala nalo kodwa bekulindel­eke ukuthi sithole amaphuzu agcwele kwiCape Verde neBurkina Faso ekhaya nasekuhamb­eni bese sizama ukudlala ngokulinga­na neSenegal ukuze siye kwiNdebe yoMhlaba. Lokho akuzange kwenzeke njengoba siwine umdlalo owodwa kuphela (oweBurkina Faso) sase sihluleka sincama kweminye.

Kunzima ukusho ukuthi yini okumele yenzeke ngoba nemali asisokoli kangako ngayo eMzansi. Mhlawumbe kumele sibheke okushiwo uLucas Radebe nabanye abadlali abake bayibamba kwiBafana - ukushintsh­a izinto kwiSouth African Football Associatio­n. Okwamanje iBafana ifana nengane engezwa esihlaza singazi nokuthi sicashe kuphi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa