IBafana isifana nengane engezwa esihlazayo
AYIKHO into eyinkinga njengokuba nengane eyihlongandlebe ehlezi yenza izinto ezikushayisa namahloni emphakathini. Inkinga enkulu ngalokho ukuthi noma ungayiduba leyo ngane, uyixoshe kwakho kodwa ngeke kushintshe ukuthi izalwa nguwena.
Ngokuqonda lokho uyaye uzameke ukukhuza, uyibonise, uyifunele nosizo ongaluthola ukuze ibuyele endleleni osuke ufuna ihambe ngayo. Kwesinye isikhathi kuba nhlanga zimuka nomoya kodwa uma ube nenhlanhla izinto zigcine zilungile.
Esimeni seBafana Bafana, kubukeka kunhlanga zimuka nomoya konke okwenziwayo ukuze iqembu linqobe imidlalo ebalulekile. Kuyinto engemnandi ukuthi abalandeli sebaze bajwayela ukuthi iBafana ayilubhadi kwiNdebe yoMhlaba noma i-Africa Cup of Nations ngenxa yokwehluleka ukuzibekisela indawo. Indlela izinto ezenzeka ngayo abalandeli sebevele benze ihlaya ngokungaphumeleli kweqembu lesizwe kunokuthi badinwe.
Enye into exakayo wukuthi e-Afrika yonkana emazweni abukeka engcono ngezinto ezithinta unobhutshuzwayo iyabalwa iNingizimu Afrika. UMzansi ungcono uma uqhathaniswa namazwe afana noZambia, Zimbabwe, Democratic Republic of Congo, Angola, Senegal, Cape Verde, Burkina Faso, Libya, Mauritania namanye. Kodwa isimanga esenzekayo uma sidlala nala mazwe ukuthi avele asehlule bese siyahluleka ukuya emiqhudelwaneni emikhulu. Imidlalo esanda kuphela yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseRussia bekubhekwe ukuthi sizihambele kalula kuyona uma kubhekwa amazwe ebesiqhathwe nawo. Yebo iSenegal iyizwe elihlale lisihlupha uma sidlala nalo kodwa bekulindeleke ukuthi sithole amaphuzu agcwele kwiCape Verde neBurkina Faso ekhaya nasekuhambeni bese sizama ukudlala ngokulingana neSenegal ukuze siye kwiNdebe yoMhlaba. Lokho akuzange kwenzeke njengoba siwine umdlalo owodwa kuphela (oweBurkina Faso) sase sihluleka sincama kweminye.
Kunzima ukusho ukuthi yini okumele yenzeke ngoba nemali asisokoli kangako ngayo eMzansi. Mhlawumbe kumele sibheke okushiwo uLucas Radebe nabanye abadlali abake bayibamba kwiBafana - ukushintsha izinto kwiSouth African Football Association. Okwamanje iBafana ifana nengane engezwa esihlaza singazi nokuthi sicashe kuphi.