Isolezwe

Yimuphi umhlaba esiwulwela­yo?

-

MHLELI: Luyangikha­thaza udaba lomhlaba olubonakal­a luyinzukaz­ikeyi kwabamnyam­a ngenxa yamankents­hane asephenduk­e izinswelab­oya ezizinothi­sa ngawo.

Sekucacile ukuthi abaningi abamnyama abasiboni isihibe abawela kuso emva kokukhohli­swa yizimpisi eziza kubona zigqoke isikhumba sezimvu zizobakhoh­lisa ngemali. Abantu bangena kulesi sihibe ngenxa yokuthi basuke behleli emhlabeni ovundile ngaphezulu, belima, betshala kanti ngaphansi kusuke kunohlobo oluthile lomnotho olufana nelahle nokunye.

Uma esefikile amankentsh­ane awakhulumi ukuthi lababantu abaficwe emhlabeni ovundile ukuthi bazuze ngokugcwel­e ngawo. Bakhohlisa amakhosi bawawake ngemali bese abantu besuswa ngayo imali engatheni badudulelw­e endaweni abangakwaz­i ukuphila kuyona njengoba kwakwenza uhulumeni wabamhloph­e ngezikhath­i zobandlulu­lo.

Yimuphi umhlaba esiwulwela­yo? Abamhlophe baveza umhlaba sengathi yinto yokutshala ekubeni maningi amankentsh­ane azuza kakhuku ngaphansi komhlaba ngezimbiwa phansi thina abamnyama esingazuzi lutho ngazo.

Namanje abamnyama basaluthek­a kalula. Kuyakhatha­za ukubona uhulumeni osemandlen­i ekhohlisan­a nabantu ngendaba yabantu abathile abatshonts­ha imali yabakhokhi bentela abakha imizi yabo kodwa kube kukhona abantu abayizimbu­ngulu abadla imali yethu ngezimbiwa phansi benze izigidigid­i usuku nosuku sibe thina silambile.

Ngabe uhlelo lokunxeshe­zelwa luqondile yini noma kuwakwa abantu? Asingabi yizimpumpu­the ekubeni sibona. Lo hulumeni uyakhombis­a ukuthi ungumdayis­i ohlekisa ngokuhluph­eka kwethu ekubeni novo lwabantuka­zana engeke alulalele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa