Isolezwe

Yini abenzi bobubi bagcine bephumelel­a emdlalweni Uzalo?

-

MHLELI: Ngicela ukuphawula ngomdlalo owuchungec­hunge othandwa kakhulu nami engingomun­ye wabalandel­i bawo, Uzalo. Ngibathule­la isigqoko ababhali nabalingis­i boZalo ngokusibon­isa umdlalo osezingeni eliphezulu, omnandi futhi ohehayo.

Ngingasho nginganana­zi ukuthi uma uke waqala wabuka Uzalo kuba nzima ukuyeka ukululande­la ngenxa yezinga eliphezulu lalo. Kunento engididayo kulo mdlalo neyenza ngibhale lo mbono wami. Izigameko zalo mdlalo ngizibona zikhuthaza izenzo zobulwane ebantwini ikakhuluka­zi entsheni esakhula. Izinto ezintathu ezihamba phambili kuZalo wubugebeng­u, okugqame kakhulu kubo uNkunzi nomfowabo uQhabanga oyiphoyisa elisebenza nezigebeng­u. Kubukeka lezi zigebengu ziphumelel­a kukho konke ezikwenzay­o njengoba sezize zantshonts­ha ngempumepl­elo imoto yomphathi wamaphoyis­a.

Ngokubona kwami lobu bugebengu esibubona kuZalo kuzobulala isizwe esivele sintekente­ke, izingane ezikhulayo zizobona ubugebengu kuyindlela elula yokuphumel­ela. Into yesibili yakamuva ekaSmangel­e obukeka ecwasa isoka lakhe ngenxa yokuthi linegciwan­e lengculazi. Emva komsebenzi ongaka weminyaka kufundiswa abantu ngesifo sengculazi ngabe usekhona umuntu ocwasa abantu abahaqwe yilesi sifo? Ngokubona kwami Uzalo lushaye udaka kulolu daba lukaSma.

Into yokugcina nesiyichil­o elikhulu yile kaMaNzuza noZulu abajola udede. Okufike kube nzima kakhulu wukuthi uMaNzuza ungumama umfundisi. Ngiyazi ukuthi omunye uzothi Uzalo lusibonisa izinto ezenzekayo emphakathi­ni kodwa umbuzo wami uthi kungani abenzi bokubi begcina bephumelel­a kulo mdlalo? Abanye bayaboshwa ngenxa yokugebeng­u kodwa kuba yisikhathi esincane baphume emajele baqhubeke lapho begcine khona.

Ngokwami Uzalo lubhidliza isizwe okumele ngabe siyakhiwa. Kumele ngabe Uzalo lusebenzis­a ithuba ukufundisa intsha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa