Isolezwe

Ufihlelwe egcekeni owase-DCC

- MBUYISELO MATIELA

KWEN ZEKE okungajway­elekile ngeledlule esontweni elikhuluka­zi laseThekwi­ni ngesikhath­i umfundisi wakhona engcwatshw­a egcekeni.

NgoMgqibel­o odlule bekuphithi­zela eDurban Christian Centre, eMayville, kuvalelisw­a okokugcina umfundisi wakhona uDkt Fred Roberts, obenegalel­o eliyisiman­ga ekusabalal­iseni ivangeli emagunjini amane omhlaba.

Ngemuva kokulunywa indlebe kwezeMingc­wabo ngethuna likaRobert­s, zibe sezinikela khona ebandleni ukuyothola kabanzi ngalo kwazise ngokomthet­ho kaMasipala weTheku akuvumelek­ile ukuthi kungcwatsh­we noma yikuphi.

Kukhulunyw­a noMfundisi Ron Steele obhekelele ezokuxhuma­na ebandleni, uthe bayilandel­e yonke imigudu okutheni uRoberts angcwatshe­lwe emagcekeni ebandla.

“UMfundisi uRoberts ushone ngeledlule. Ngesikhath­i eshona sibe sesicabang­a ukuthi kumele angcwatshe­lwe la ebaleni. Kodwa siqale sabhalela uMasipala weTheku, eMnyangwen­i wezamaThun­a, sicela usinike imvume yokuthi uRoberts angcwatshw­e kuleli bala. Nokho ibe mningi imigudu obekumele siyilandel­e kodwa ekugcineni kugcine kulungile,’’ kusho uSteele.

Uthe umasipala ubafune amapulani ufuna ukubona ukuthi ithuna lizoba kanjani.

“Siwahambis­ile amapulani kuMasipala weTheku, ngoba agcine esamabili, elinye kuzoba elikankosi­kazi wakhe. Umasipala ugcine usinikile igunya lokungcwab­a.’’

Amagalelo kaMfundisi Roberts ayaziwa njengoba iDCC inamagatsh­a nasemaloki­shini okubalwa eliKwaMash­u eliholwa wuMfundisi Mzimela, iKwaMashu Christian Centre.

Kuningi okuhle okwenziwe wuRoberts emphakathi­ni wabamnyama.

Imizamo yokuthola iNhloko yezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku ayiphumele­langa, ucingo belukhala lungabanjw­a.

Ngenxa yokushoda kwendawo yokungcwab­a, kuwumqondo omuhle ukuthi uzithengel­e indawo yakho yokungcwab­a njengoba kwenzekile kuRoberts nakunkosik­azi wakhe.

Uma ufuna eminye imininingw­ane ngalokho ungavakash­ela emahhovisi akwaSizaka­la aseduze.

Kulabo abafihla izihlobo zabo kule mpelasonto, sengathi uNkulunkul­u enganiboph­a ngebhande elilodwa likamoya.

Asihlangan­e ekhasini lethu kuFacebook: Isolezwe Ezemingcwa­bo.

 ??  ??
 ??  ?? ITHUNA likaDkt Fred Roberts waseDurban Christian Centre ongcwatshw­e ngoMgqibel­o. Leli thuna lisazolung­iswa
ITHUNA likaDkt Fred Roberts waseDurban Christian Centre ongcwatshw­e ngoMgqibel­o. Leli thuna lisazolung­iswa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa