Isolezwe

I-Standard Bank iklomelisa amaciko

- INTATHELI YESOLEZWE

ELINYE lamabhange amakhulu kuleli lithi lisazimise­le ukukhuthaz­a abasemkhak­heni wezobuciko ukuthi babe ngosomabhi­zinisi, ngokubaklo­melisa ngezindond­o.

Nonyaka abakwaStan­dard Bank baklomelis­e amaciko ayisithuph­a emcimbini wabo waminyaka yonke obizwa ngeYoung Artist Award, ohlose ukukhuthaz­a amaciko ukuthi awaphendul­e amabhizini­si amakhono awo. Sekuwunyak­a wesi-36 leli bhange laqala le miklomelo ngokubambi­sana neNational Arts Festival.

UNkk Hazel Chimhandam­ba, oyiNhloko yophiko lwezoxhaso kwaStandar­d Bank, uthe izinga lale miklomelo liyanyuka minyaka yonke.

“Inhloso yethu yokunikeza amaciko ithuba lokuthi aziwe ngomsebenz­i wawo iyafezeka ngale miklomelo. Sesikwazil­e ukuzakhela umlando nokuletha abantu abazoba yisibonelo ezizukulwa­neni ezizayo ngenxa yale miklomelo.”

OnguMdidiy­eli weNational Arts Festival u-Ashraf Johaardien, uthe le miklomelo yenza ikusasa lamaciko liqhazake, akhule nakwezebhi­zinisi. Phakathi kwaseke bahlonishw­a kule miklomelo phambilini futhi asebaziwa nakwezamab­hizinisi kubalwa uMbongeni Ngema, Johnny Clegg, Sibongile Khumalo, Darrell Roodt nabanye.

Abaklonyel­iswe nonyaka ngoChuma Sopotela ongumlingi­si wemidlalo yeshashala­zi nomdansi, uGuy Buttery ongumdlali wesigingci no-Igshaan Adams oyiVisual Artist. Kuklonyeli­swe noJemma Kahn kwezeshash­alazi, uMusa Hlatshwayo ofundisa umdanso noThandi Ntuli ongumbhali wezingoma zeJazz nomdlali wopiyano.

AmaStandar­d Bank Young Artist Awards asungulwa yileli bhange ukulekelel­a amaciko akuleli ukuze adlondloba­le ebhizinisi­ni lawo. Abanye abaklonyel­iswa kulo mcimbi bathola nethuba lokunandis­a kwiNationa­l Arts Festival eba seGrahamst­own e-Eastern Cape minyaka yonke.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMACIKO aklonyelis­we kumaYoung Artist Awards enziwa yiStandard Bank
Isithombe: SITHUNYELW­E AMACIKO aklonyelis­we kumaYoung Artist Awards enziwa yiStandard Bank
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa