Owamagqubu owe-Italy namaBhokobhoko
ISIMO azithola ekusona umqeqeshi wamaBhokobhoko, u-Allister Coetzee, simphoqa ukuba angalokothi azame abadlali abangakaze babonakale eqenjini lesizwe ngisho nasemidlalweni ebukeka ilula njengowe-Italy okusasa eStadio Euganeo, ePadova, ngo-3 ntambama ekuhambeni.
Baningi abadlali abasezingeni lokunikwa ithuba kodwa ngeke akucabange lokhu uCoetzee ngoba umqondo wakhe ubuswa yindlela iqembu lakhe elidlala ngayo kulezi zinsuku. Umdlalo we-Italy owamagqubu ngoba ngesizini edlule kwenzeke imbedumehlwana leli qembu laseMzansi likhala ngaphansi kwi-Azzurri okokuqala ngqa emlandweni.
Nakuba kubukeka kunzima ukuthi uCoetzee azwise abadlali bakusasa ithuba kodwa maningi amathuba okuthi athole ijezi okokuqala uWarrick Galant weBlue Bulls. Ikhono lakhe alingatshazwa futhi kungenzeka ukuthi yena nabadlali abafana noLukhanyo Am, Sibusiso Sithole nabanye abaningi yibona abaphethe ukhiye wekusasa nokuvuka kwamaBhokobhoko.
UGalant ubengomunye wabadlali baphambili abebegqamile eNingizimu Afrika kule sizini yeSuper Rugby neCurrie Cup ka-2017. Njengoba ezoqala ebhentshini e-Italy maningi amathuba namathemba okuthi alizwe ijezi okokuqala.
Ngeke abe khona kulo mdlalo uSiya Kolisi obuyele ekhaya ukuzoba nomkakhe njengoba bezokwamukela ingane emndenini. Akwaziwa noma kuzolithambisa yini lokhu iqembu kwazise uKolisi uyena obebukeka efaka umdlandla ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba ngengcacamezela kwiFrance ngeledlule.
Ngesikhathi amaBhokobhoko eshaywa yi-Italy nyakenye uCoetzee ubebophele bonke abadlali abamqoka kuyena okuholele ekutheni asishintshe sonke isikimu emdlalweni olandele lapho. Kuyaqaphelekake nokho ukuthi nakule sizini uCoetzee uzodlala ne-Italy alandele ngeWales njengoba kwenzekile ngonyaka ofile.
Kulo mdlalo kuzoqala uHandre Pollard, aye ebhentshini u-Elton Jantjies kanti noPeter-Steph du Toit ubuyile ekulimaleni noMalcolm Marx no-Eben Etzebeth.