Akavezi ukuthi bazothola malini abadlali
USIHLALO weSuperSport United, uKhulu Sibiya, akaphumeli obala ngemali ezotholwa ngabadlali baMatsatsantsa a Pitori uma edla umhlanganiso kwiCAF Confederation Cup.
Amatsatsantsa azodudulana neTP Mazembe eLucas Moripe Stadium, ePitoli, kusasa ngo-8.15 ebusuku emlenzeni wesibili womdlalo wamanqamu weConfederation Cup. Umlenze wokuqala uphela ngo 2-1 kunqoba iMazembe evikela isicoco.
Abadlali beSuperSport bahlukaniselane u-R4 million ngemuva kokudla umhlanganiso kwiMTN 8 ehamba nesheke lika-R8 million. ISuperSport izothola u-R17.7 million uma inqoba isicoco seConfederation Cup.
“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngezinto ezithinta imali. Mina angilona lolu hlobo lomphathi olugijimisa imali phambili. Uma ngingathi bazothola isamba esingaka lokho kuzosuke kwenze wonke umuntu agxile endabeni yemali bese sikhohlwa wumsebenzi omkhulu osihlalele njengamanje.
“Yona iningi le mali esizoyithola ngoba ibalelwa lapha ko-R17 million. Abadlali bami basebenzile beya emazweni anjengoTunisia, South Sudan nakoCongo. Besihamba ngamabhanoyi ajwayelekile hhayi lawa oziqashela wena wona. Bengibatshela ukuthi siya empini. Ukusebenza ngokuzikhandla ngiyathanda ukuthi kuphelezelwe ngumvuzo ngakho kukhona abazokuhlomula,” kusho uSibiya.
I-SuperSport isizinqobe zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika kodwa ibingakaze iphumelele kweseCAF.
“Isicoco somqhudelwano weCAF kudala ngifuna ukusinqoba. Iqembu liyakhula unyaka nonyaka. Sinqobe izicoco zeligi iminyaka ilandelana saphinde sakhonya kwezomkhumulajezi kodwa ezeCAF bezilokhu zisiphutha. UPitso Mosimane noBruce Grobler bazama kodwa kwangalunga. Njengamanje sekusele kancane. Into esiyidingayo manje wukuthi abantu baseNingizimu Afrika bahlangane sibe yinto eyodwa.
“Ngikhuluma kanje ngoba le nto engixoxa ngayo ngiyibonile eCongo. Bekusuka abantu abaqhamuka ezindaweni ezehlukene eCongo bezokweseka iMazembe. Bebeyifanisa neqembu labo lesizwe. Nathi asenze njalo ngoba simele iNingizimu Afrika,” kusho uSibiya.
I-SuperSport ibheke ukulandela ezinyathelweni zeKaizer Chiefs eyawunqoba lo mqhudelwano ngo-2001 usabizwa nge-Africa Cup Winner’s Cup. U-2017 uyivumile iSuperSport. Isinqobe isicoco seNedbank Cup, MTN 8 njengoba isibheke eseConfederation Cup.
“Lo nyaka usiphathe kahle ngendlela eyisimanga. Okungijabulisa kakhulu ngempumelelo yeqembu wukuthi sikhiqiza nabadlali abancane abayikusasa leBafana Bafana. Lapha ngikhuluma ngabafana abanjengoSipho Mbule, Tebogo Mokoena noFagrie Lakay. Ngifuna babe sezingeni loKermit Erasmus, Daine Klate noSiboniso Gaxa. Bonke bafika eqenjini bebancane. Buka izinto asebezizuzile ebholeni.”