Abagadli abadala bangasiza kuqedwe indlala yamagoli
NGOKWENKOLO lapho ngikhule ngikhonza khona ngiseyingane uLwesihlanu olumnyama lusuke lungasho indali noma izipesheli ezithile zosuku kodwa kusuke kuwusuku lokuzila ngoba ngokwamaKhatholika uJesu Khrestu wabethelwa wafa ngoLwesihlanu (lwePhasika).
Ngalolu suku kukhona izinto okwakuyaye kuthiwe abazithibe kuzona abantu. Uma ngikhumbula kahle kwakuthiwa ayidliwa inyama ngoLwesihlanu ngoba kuhlonishwa lona belu usuku okwafa ngalo uMsindisi.
Nokho namuhla uLwesihlanu olumnyama olukhona luthanda ukwehluka kakhulu ngoba abantu bazogcwala izitolo beyokhithiza ngenxa yendali esabalele izwe lonke. Ngisazibuza namanje ukuthi yini kuthiwe usuku lwanamuhla uLwesihlanu olumnyama uma kuwukuthi izinto eziningi zizobe zicoshwa phansi ezitolo. Kungani kungathiwa uLwesihlanu olumhlophe ngoba yonke into izobe ihamba kahle?
Ake ngiyishiye indaba yezinkolelo zezwe nokukhonza ngoba wumkhakha engingebukhali kuwona lowo. Mhlawumbe okwami namaKhatholika sesobuye sikuxoxe mhla ngacelwa ukuthi ngibhale ingosi ehambisana nenkolo. Yinde yona indaba engingayikhininda uma nginganikwa ithuba.
Lapho ngibona kumnyama khona kakhulu noma kungelona uLwesihlanu olumnyama, yisekushayeni amagoli emaqenjini e-Absa Premiership. Cha kumnyama impela lapho futhi sekuthanda ukuba yindida ukuthi yini, eyovela kuphi eyokhanyisa? Indlela anqabe ngayo amagoli emidlalweni yePremiership selokhu kuqale isizini, uvele ushaywe amahloni uma ubuka indlela abawahlohla ngayo abanye abagadli phesheya kwezilwandle. Angifuni ukuqhathanisa ibhola lethu nelakwamanye amaligi kodwa lo mkhuba wokungalazi ukuthi ligxunyekwe ngakuphi ipali nginesiqiniseko sokuthi awukhathazi mina kuphela kodwa bonke abantu baseNingizimu Afrika bakhungathekile.
Kunomdlalo odlalwa kulona leli phephanda engisebenza kulona okuthiwa u-Asidlale. Lapha kuqagelwa imidlalo yePremiership ukuze uwine isizumbulu semali. Selokhu kuqale isizini akekho noyedwa umfundi weSolezwe oseke wayishaya emhloleni ukuze emuke nesiteki. Lokhu kubangelwa yikona ukuthi amaqembu ePremiership kunzima ukuwachaza ukuthi adlala kanjani. Alikho iqembu eselike lawina imidlalo emine noma emihlanu kulandelana selokhu kuqale isizini. NgoLwesithathu nje lulodwa amaqembu ePremiership adlale ngokulingana wonke emidlalweni emine ebikhona. Kule midlalo uwodwa kuphela umdlalo ophele ngo 1-1 njengoba amanye amaqembu egingqe amagungqu kwamuncu. Konke lokhu kuwumphumela wokuthi abadlali bethu bayehluleka ukushaya amagoli. Ngabe yini ngempela okumele yenziwe ukuze abalandeli baphume bethokozile ezinkundleni? Ngabe amaqembu ayazihlupha nje ngokucija abadlali abasebancane ezinkulisa zawo ngokuthi bafunde ukushaya amagoli?
Phela kuyinto engeke ifihlwe ukuthi ngeke ufundise umdlali ukuthi lishaywa kanjani igoli eseneminyaka engu-20. Abadlali kufanele kube yinto abayifunda beseneminyaka engu-10 ukuthi igoli lishaywa kanjani. Kodwa bengingubani-ke mina ukubonisa abantu abalazi kangcono ibhola asebebe kulona iminyaka engaphezulu kwalena enginayo ngibhala ngalo.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi bakhona abagadli ababengayibheki inethi abasadla anhlavana, okufanele ngabe bayasetshenziswa ukubumba abagadli bangomuso. Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi ikhono liningi kuleli kodwa nalo kumele lilekelelwe ngokusebenzisa bona abagadli bakudala njengoJerry Sikhosana, Pollen Ndlanya, Mark Wlliams, Philemon Masinga, Daniel Mudau, Shaun Bartlett nabanye.
Ngiyazi ukuthi uSiyabonga Nomvethe akakayicabangi indaba yokuphanyeka amakhokho akhe emgibeni kodwa uma esekwenza lokho akumele alahleke nje ebholeni lakuleli. Ngike ngezwa ukuthi uNomvethe uyasala ejimini yedwa aziqeqeshe ekushayeleni ipali nokunye. Uyabonakala futhi nasemgwaqweni egijima, okuyinto asuke ezenzela ngaphandle kokuyalelwa umqeqeshi wakhe.
Ngicabanga ukuthi iPremiership idinga abantu abanjengoNomvethe ukuze kuqedwe isihlava sokushweba amagoli. Ngokwami nje ngeke kube nankinga uma kungaba nesikhungo sabadlali esicija abagadli nje kuphela.
Laphoke ungagcwalisa zona lezi ngwazi engizibale ngenhla zibakhombise abafana ukuthi zona zazenze njani ngezikhathi zazo.
Ngingamfaka noCollins Mbesuma ngoba ngiyazi ukuthi alikho iqembu alidlalelayo njengamanje. Into ebalulekile lapha wukuthi sibe nabagadli abangalibheki ipali kungakhathalekile ukuthi bacijwa yizinkakha zakuleli noma ezivela ngaphandle.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic usebukeka edidekile manje ngoba iqembu lakhe lilidlala lonke ibhola kodwa amagoli do.
Lesi simo singase sibeke umsebenzi wakhe engcupheni ekupheleni kwesizini. Ngeke ashiywe ngaphandle noSteve Komphela ocija iKaizer Chiefs. Naye angakuchazela into efanayo yokuthi ibhola balidlala kahle baliphakelane ngendlela abafisa ngayo kodwa lutho ukuliqabulisa inethi.
Imidlalo yePremiership iyaqhubeka kusasa, asazike ukuthi iza namagoli yini noma kusazoba mnyama njengenjwayelo.